1NGI qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, O nga ngeni ngesango ukuya esibayeni sezimvu, kodwa e kwela ngenye indawo, lowo u isela nompangi.
2O ngena ngesango u ngumalusi wezimvu.
3Umlindi wesango u ya m vulela; izimvu zi ya li zwa izwi lake: u ya zi biza izimvu zake ngamagama, a zi pumise.
4Nxa e zi kipa izimvu zake, u hamba pambi kwazo; izimvu zi m landele, loku zi lazi izwi lake.
5Kepa a zi yi kumlandela ongaziwayo, zo m balekela; loku zi nga lazi izwi labangaziwayo.
6uJesu wa ba tyela lomfanekiso; kepa a bezwanga ukuba ku ini loku, a ku tyo kubo.
7uJesu wa buya wa ti kubo, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Mina ngi isango lezimvu.
8Bonke abeza ngapambili kwami ba amasela nabapangi; kodwa izimvu a zi bezwanga.
9Mina ngi isango; uma umuntu e ngena ngami u ya kusindiswa, a ngene, a pume, a fumane idhlelo.
10Isela li za ukweba, nokubulala, nokububisa, kupela: mina ngi ze ukuba zi be nokupila, zi be nako kakulu.
11Ngi ngumalusi olungileyo, Umalusi olungileyo u ya bekela izimvu ukupila kwake.
12Okokelwayo, e nge siye umalusi, izimvu zi nge sizo ezake, e bona impisi i za, u ya shiya izimvu, a baleke; impisi i ze i zi pange, i cite izimvu.
13Okokelwayo u baleka, ngokuba e ngokokelwayo, ka zi kataleli izimvu.
14Mina ngi ngumalusi olungileyo; ngi ya zazi ezami, ngaziwa ezami.
15NjengoBaba e ngazi, nami ngi ya m azi uBaba; ngi zi bekela izimvu, ukupila kwami.
16Ngi nezinye izimvu, ezi nge za lesisibaya: na lezo nga ngi zi leta, zi zwe, izwi lami, ku be mhlambi munye, nomalusi munye.
17Njalo uBaba u ya ngi tanda, ngokuba ngi beka ukupila kwami, ukuba ngi buye ngi ku tabate.
18A ku ko muntu o ngamuka kona; ngi ku beka mina uqobo; ngi namandhla okukubeka: ngi namandhla okubuya ngi ku tabate. Lomyalo ngi wamkeliswe uBaba.
19Kwa buya kwa ba kona ukwahlukana pakati kwabaJuda nga lawamazwi.
20Abaningi kubo ba ti, U nedemone, u ya gcwaneka; ni m zwelani na?
21Abanye ba ti, lamazwi a siwo a o kwelwe idemone; imbala idemone li nga vula amehlo ezimpumpute na?
22Kwa ku kona umhlangano wokuqalisa eJerusalema; kwa ku sebusika.
23uJesu wa e hamba etempelini esangweni lika Solomona.
24Kona abaJuda ba m haqa ba ti kuye, U ya kusilibazisa ku ze ku be nini na? Uma u uKristu, si tyele ku be sobala.
25uJesu wa ba pendula wa ti, Ngi ni tyelile, kodwa a ni kolwanga. Imisebenzi engi yenzayo ngegama lika Baba, iyona e qinisa ngami.
26Kodwa a ni kolwa; a ni sizo izimvu zami, njengokutyo kwami kini.
27Izimvu zami zi ya li zwa izwi lami, nami ngi ya zazi, nazo zi ya ngilandela.
28Ngi zi nika ukupila okupakade; a zi sa yi kububa ku ze ku be pakade, a ku ko o nga zamuka esandhleni sami.
29uBaba o ngi nika zona umkulu ku nabo bonke; a ku ko o nga zamuka esandhleni sika Baba.
30Tina noBaba si munye.
31Kona abaJuda ba buya ba tabata amatye, ukuba ba m kande.
32uJesu wa ba pendula wa ti, Ngi ni bonisile imisebenzi eminingi emihle ka Baba; u mupi umsebenzi kuyona, eni ngi kanda ngawo na?
33abaJuda ba m pendula ba ti, A si ku kandi ngomsebenzi omuhle; si ku kanda ngokutuka, na ngokuba wena umuntu u zenza uTixo.
34uJesu wa ba pendula wa ti, A ku lotyiwe ini emtetweni wenu ukuti, Nga ti, Ni ngotixo.
35Uma wa ti otixo labo eleza kubo izwi lika Tixo, umbalo u nge pulwe;
36Ni ti kuye a m misayo uBaba, wa m tuma ezweni, Wena u ya tuka, ngokuba ngi ti, Ngi iNdodana ka Tixo na?
37Uma ngi ngenzi imisebenzi ka Baba, a ni nga kolwa imi.
38Kodwa uma ngi yenza yona, noma ni nga kolwa imina, kolwani imisebenzi, ukuba nazi ni kolwe ukuti, uBaba u kimina, nami ngi kuye.
39Ba buya ba funa ukumbamba; kodwa wa punyuka esandhleni sabo.
40Wa buya wa ya pesheya kweJordani, endaweni lapo uJohane wa e bapatiza kona kuqala; wa hlala lapo.
41Kwa fika abaningi kuye, ba ti, uJohane a kenzanga isibonakaliso nasinye; kodwa ku qinisile konke uJohane a ku tyoyo nga lomuntu.
42Abaningi ba kolwa uye kona lapo.