1IZWI lika Jehova ela fika kuJeremia umprofeti ngabezizwe,
2NgEgipite, na ngempi ka Faroneko inkosi ya sEgipite, eya i ngasemfuleni uUfrate eKarkemishi, a i tyayayo uNebukadrezari inkosi ya seBabulona ngomnyaka wesine ka Jehoakimu indodana ka Josia inkosi ya kwa Juda.
3Lungisani ihau nesihlangu, ni sondele ekulweni.
4Bopani amahashi, ni kwele, nina bamahashi, ni suke ni me ni neziqoko, ni pucuze imikonto, nambate amabantyi.
5Ku ngani ukuba ngi ba bone be tyaywe uvalo, be buyela emva? amaqawe abo a citekile, a baleka nokubaleka, e nga bheki emuva, ku kona ukwesaba; u tyo uJehova.
6O nejubane ka nga baleki, iqawe a li nga sindi; ba ya kukubeka ba we ngasenyakato, nga semfuleni uUfrate.
7Ubani lo owenyukayo njengoNile, amanzi ake a guba njengozamcolo?
8iEgipite lenyuka njengoNile, amanzi alo a guba njengozamcolo, la ti, Ngi ya kwenyuka, ngi mboze izwe, ngi qede umuzi nabakileyo kuwo.
9Kupukani, mahashi; futani, zinqola; a ku pume amaqawe, uKushi noPuti, aba pata isihlangu; naba kwa Ludi, aba pata umcibityolo be u nyatela.
10Lolosuku lu ngolweNkosi, uJehova wemikosi, usuku lokupindisela lokuba a pindisele kwaba izita zake; inkemba i ya kudhla, i sute, i dakwe igazi labo; ngokuba iNkosi, uJehova wemikosi, i nomhlatyelo ezweni la senyakato ngasemfuleni uUfrate.
11Yenyuka u ye eGiladi, u tabate ibalsamu, ntombi, ndodakazi ya sEgipite; u pata ngeze imiti eminingi, a u nakupola.
12Izizwe zi zwile ngehlazo lako; izwe li gcwele ngokukala kwako; ngokuba iqawe la kubekisana neqawe a wa ndawonye omabili.
13Izwi a li tyoyo uJehova kuJeremia umprofeti ngokuza kuka Nebukadrezari, inkosi ya seBabulona, ukutyaya izwe la sEgipite.
14Yazisani Egipite, ni memezele eMigdoli, ni memezele eNofi na seTapanesi, ni ti, Suka u me, u lungise; ngokuba inkemba i dhlile abakelene nawe.
15Iziqwaga zako zi kukulelweni? a zi manga, ngokuba uJehova wa zi kukula.
16U yandisa ababutakataka, yebo ba ya wa omunye pezu komunye; ba ti, Sukani, a si buyele kwabakiti, na sezweni esa zalwa kulo, si muke enkembeni e si bulalayo.
17Ba kala kona ba ti, uFaro inkosi u citekile; u lahlekelwe isikati e be si misiwe.
18Kupila kwami, i tyo iNkosi, uJehova wemikosi igama layo, impela njengeTabori ezintabeni, na njengeKarmeli ngaselwandhle, u ya kuza.
19Zenzele impahla yokutumbeka wena owakileyo, ndodakazi ya sEgipite; ngokuba iNofi li ya kuba ihlane, li citeke li ngakiwa muntu.
20iEgipite li isitokazi esihle, kepa ku yeza ku yeza ukufa ku vela ngasenyakato.
21Abakokelwayo balo pakati kwalo ba njengamatole anonileyo, ngokuba be penduka, be baleka kanyekanye, ka bemi, ngokuba behlelwe usuku losizi lwabo, isikati sokutyaywa kwabo.
22Izwi lalo li ya hambisa okwelenyoka, ngokuba be hamba nempi, beza kulo be pete izimbazo njengabagaulayo imiti.
23Ba gaulile ihlati lalo, u tyo uJehova; ngokuba a li nakuhanjelwa, ngokuba be ba ningi ku nesikonyana, be nge nakubalwa.
24Indodakazi ya sEgipite i jabile, i nikelwe esandhleni sabantu ba senyakato.
25U tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Bheka, ngi tyaya uAmoni wa seNo, noFaro, nEgipite, notixo balo, namakosi alo, uFaro nabatemba kuye.
26Ngi ba nikela esandhleni sabafuna ukupila kwabo, na sesandhleni sika Nebukadrezari inkosi ya seBabulona, na sesandhleni sezinceku zake; kona li ya kwakiwa njengendulo, u tyo uJehova.
27Kepa u ngesabi, wena nceku yami Jakobe, u nga tyaywa uvalo, wena Israeli; ngokuba bheka, ngi ya kukusindisa u sekude, nenzalo yako ezweni e tunjelwe kulo; uJakobe u ya kubuya, a hlale kahle, a buse, a nga satyiswa muntu.
28U ngesabi, wena nceku yami Jakobe, u tyo uJehova, ngokuba ngi nawe; ngokuba ngi ya kuqeda izizwe engi ku xotyele kuzo, kepa a ngi yi kukuqeda wena, ngi ya kukululeka ngokufaneleyo, ngi nga tyo ukuti a u nacala.