1U TYO loku uJehova, Izulu li isihlalo sami sobukosi, nomhlaba u isigqiki sezinyawo zami: ipi indhlu eni yakela mina na? nendawo yami yokupumula ipi na?
2Ngokuba zonke lezo zinto zenziwe isandhla sami, nako konke loko kwenzakala, u tyo uJehova: kodwa ngo bheka ku lomuntu kuyena ompofu nonhliziyo i tambile, e tutumelayo ngezwi lami.
3Yena o bulala inkabi kungati u bulala umuntu nje: naye ohlabayo icwane kungati u nquma intamo yenja nje: no yisa iminikelo kungati igazi lengulube nje; yena o tyisa impepo kungati u bonga isitombe nje: Yebo ba zi ketele izindhlela zabo nompefumlo wabo u jabula ebubini babo.
4Ngi ba ketele nami izinkohliso zabo, ngi buyisele pezu kwabo izesabiso zabo; ngokuba nga biza, a kwa pendula muntu; nga kuluma ka bezwanga: benza ububi ngapambi kwamehlo ami, ba keta e ngi nga ku tandiyo.
5Yizwani izwi lika Jehova, nina eni tutumelayo ngalo; Abafo wenu abanizondileyo, abanikipileyo ngenxa yegama lami, ba ti, Ma ka dunyiswe uJehova: kodwa a velise ukutokoza kwenu bona ba jabe.
6Izwi lomsindo li vela emzini, izwi li puma etempeleni, izwi lika Jehova li pindisela izita zake.
7E nga ka miti, wa zala; ku nga ka fiki ubuhlungu bake wa zala umntwana wesilisa.
8Ubani okuzwileyo okunjena na? Ubani okubonileyo na? Umhlaba u ya kuveliswa suku lunye na? Isizwe si zalwe kanye kanye na? Ngokuba li te li mita iZioni, la zala abantwana balo.
9U tyo uJehova, ngi ya kumitisa ngi nga zalise na? Ngi ya kumitisa ngi buye ngi vale embundwini na? U tyo uTixo wako.
10Jabulani kanye neJerusalema, ni tokoze kanye nalo, nina nonke e ni li tandayo: jabulani ngentokozo kanye nalo, nina nonke e ni lilelayo.
11Ukuze ni ncele, ni deliswe izifuba zenduduzo yake; ukuze ni kipe ubisi, ni jabule ngobuningi bodumo lwake.
12Ngokuba u tyo loku uJehova, Bheka, ngo mandisela ukutula njengomfula, nodumo lwabezizwe njengomfulana ogijimayo: ni ncele nina, ni godhlwe ezinhlangotini zalo, ni dhlaliswe ematangeni alo.
13Njengaye o duduzwa unina njalo ngo ni duduza mina; ni duduzeke na seJerusalema.
14Na lapo ni kubonayo loku, inhliziyo yenu i tokoze, namatambo ako a mile njengomuti; nesandhla sika Jehova saziwe ngasezincekwini zake, nolaka lwake ngaseziteni zake.
15Ngokuba, bheka, uJehova wo fika e pete umlilo, nezingcwele zake njengesivunguvungu ukuluveza ngamandhla ulaka lwake, nokukuza kwake ngamalangabi omlilo.
16Ngomlilo na ngenkemba, uJehova u ya kumela bonke abenyaina; na ba buleweyo nguJehova.
17Ba ya kuzigcoba, ba zi hlanzisise emasimini ngasemva komuti munye ngapakati kwawo, be dhla inyama yengulube, nokunengekayo: nempuku ku qedwe kanye kanye, u tyo uJehova.
18Ngokuba ngi ya yazi imisebenzi yabo nemicabango yabo: ko fika ukubuta kwami zonke izizwe nezilimi, zi fike zi bone udumo lwami.
19Ngi beke isibonakaliso ngapakati kwabo, ngi tume bona abapunyukayo ezizweni, kuTarshishi, noPuli, noLudi, abadonsa umcibityelo, kuTubali, noJavani eziqingini ezi kude, ezi nga luzwanga udumo lwami, zi nga bonanga nobukulu bami; ba bonakalise udumo lwami kwabezizwe.
20Ba lete bonke abafo wenu ba be umhlabelo kuJehova ezizweni zonke pezu kwamahashi, na sezinqoleni, na semibedeni, na pezu kwezimbongolo, na pezu kwezilwane ezigijimayo, ba ku lete entabeni yami e ingcwele eJerusalema u tyo uJehova, njengabantu baka Israeli be zisa umnikelo ngesitya esimhlope endhlini ka Jehova.
21Ngi tate na kubona ba be abapristi nabaLevi, u tyo uJehova.
22Ngokuba njengezulu elitya, nomhlaba omutya, e ngi ya kuwenza, u ya kuma ngapambi kwami, u tyo uJehova, njalo inzalo yako, negama lako li me.
23Ko ti njalo ukwetwasa kwenyanga ku kwetwasa enye ngesabata elinye ku ze ku fike elinye njalo, inyama yonke i ya kufika i dumise ngapambi kwami, u tyo uJehova.
24Ba ya kupuma, ba zi bhekisise izidumbu zabo abonileyo kimina: ngokuba izimpetu zabo a zi yi kufa, nomlilo wabo u citywe! ba be isinengiso kuyo yonke inyama.