1AMAZWI ka Jeremia, indodana ka Hilkia, wabapristi ba seAnatoti, ezweni la kwaBenjamini,
2Okweza kuye izwi lika Jehova emihleni ka Josia, indodana ka Amoni, inkosi ya kwaJuda, ngomnyaka weshumi nantatu wokubusa kwake.
3Leza na semihleni kaJehoakimu, indodana ka Josia, inkosi ya kwaJuda, kwa za kwa pela umnyaka weshumi nanye ka Zedekia, indodana ka Josia, inkosi ya kwaJuda, kwa za kwa tunjwa iJerusalema ngenyanga yesihlanu.
4Leza kimi izwi lika Jehova, li ti,
5Ngi nga ka kwenzi esiswini nga kwazi; u nga ka pumi esiswini nga kwenza wa ngcwele, nga ku beka u be umprofeti wezizwe.
6Nga ti, Au, Nkosi Jehova, bheka, a ngi kwazi ukukuluma; ngi umntwana.
7Kepa uJehova wa ti kimi, U nga tyo ukuti, Ngi umntwana: Ngokuba u ya kuya kubo bonke engi ya kukutuma kubo, nako konke engi ya kukuyala kona wo ku shumayela.
8U ngesabi ubuso babo; ngi nawe ukuba ngi ku sindise, u tyo uJehova.
9Kona uJehova wa selula isandhla sake, wa tinta umlomo wami. Wa ti uJehova kimi, Bheka, ngi bekile amazwi ami emlonyeni wako.
10Bonake, ngi ku misile namhla pezu kwezizwe na pezu kwemibuso, ukuba xotye, u qede, u bulale u cite, wake u tyale.
11La buya leza kimi izwi lika Jehova, li ti, Jeremia, u bonani? Nga ti, Ngi ya bona uswazi lwealmondi.
12Wa ti uJehova kimi, U bonile kahle; ngi ya kulinda izwi lami, ngi lenze.
13La buya leza kimi izwi lika Jehova ngokwesibili, li ti, U bonani? Nga ti, Ngi bona imbiza ebilayo; ubuso bayo bu bheka ngasenyakato.
14uJehova wa ti kimi, Okubi ku ya kuvela ngasenyakato, ku fike kubo bonke abantu bezwe.
15Bheka, ngi ya kubiza izizwe zonke zemibuso ya senyakato, u tyo uJehova; ba ya kuza, ba beke ngabanye izihlalo zabo nga semasangweni a seJerusalema, na kuzo zonke izindonga za kona, na kuyo yonke imizi ya kwaJuda.
16Ngi ya kubalahla ngako konke okubi kwabo; ngokuba ba ngi delile, impepo ba i tyisele abanye otixo ba bonga imisebenzi yezandhla zabo.
17Bopa izinkalo zako, u suke, u kulume kubo konke engi ya kukuyala kona; u ngesabi ubuso babo, funa ngi kwesabise pambi kwabo.
18Bheka, mina ngi kwenzile namhla u be umuzi ovikelweyo, nensika yensimbe, utango lwetusi kulo lonke izwe kuwo amakosi a kwaJuda kuzo izinduna zalo, kubapristi balo, na kubantu bezwe.
19Ba ya kulwa nawe, kodwa a ba yi kukwahlula; ngokuba ngi nawe ukuba ngi ku sindise, u tyo uJehova.