1BHEKA inceku yami, engi yi sekelayo; oketiweyo wami, otokoza ngaye umpefumlo wami; ngi telile umoya wami pezu kwake u ya ku vezela izizwe ukwahlulela.
2A ka yi kumemeza, a ka yi ku pakamisa izwi lake, nokulizwakalisa endhleleni.
3Uhlanga olufecekileyo a ka yi ku lwapula, nempokwe yesibani e tunqayo a ka yi ku i cima: u ya kuveza ukwahlulela ngeqiniso.
4A ka yi ku dangala a pelamandhla, ku ze a mise ukwadhlulela emhlabeni: neziqingi zi ya kuhlalela umteto wake.
5U tyo njalo uTixo uJehova, yena owa dabula izulu, wa lendhlala; yena oweneka umhlaba, na loko okuvela kuwo; yena o nika ukupefumla kubantu aba pezu kwawo, nomoya kubo aba hamba pezu kwawo.
6Mina Jehova ngi ku bizile ngokulunga, ngi ya kubamba isandhla sako, ngi ku gcine, ngi ku pe u be uvumelwano kubantu, u be ukukanya kwezizwe.
7U vule amehlo ezimpumpute, u kipe izibotywa etilongweni, nabahlezi ebumnyameni endhlini yezibotywa.
8Ngi nguJehova: i lelo igama lami: a ngi yi kunika ubukosi bami komunye, nokubongeka kwami ezitombeni ezibaziweyo.
9Bheka izinto zokuqala se zi bonakele, se ngi shumayeza izinto ezintya: zi nga ka veli ngi ni tyela zona.
10Hubelani uJehova ihubo elitya, nokubongeka kwake ku ze ku be emkaulweni womhlaba, nina enehlela elwandhle, nako konke oku kulo; neziqingi nabake kuzo.
11Ihlane nemizi yakona ma i pakamise izwi kanye, nemizi abahlala kuyo aba kwaKedari: abake eSela ba hlabelele, ba memeza esicongweni sezintaba.
12Ma ba dumise uJehova, ba tyo ubukulu bake eziqingini.
13uJehova u ya kupuma njengonamandhla, a vuse umona njengomuntu wokulwa: u ya kumemeza, a bangalase; a zahlule izita kuye.
14Se ku isikati eside ngi tulile: nga ti nya, ngi zibambile; kaloku ngi ya kukalisa komfazi o beletayo; ngi ya kububisa ngi qede kanye.
15Ngi ya kuqwatisa izintaba nezinkalo, ngi tyise izimilo zazo zonke; ngi ya kupendula imifula i be iziqingi, ngenze amacibi ukuba a tye.
16Ngi ya kuhambisa izimpumpute ngendhlela ezingayaziyo; ngi zi hole ngezindhlela ezi nga zazanga: ngenze ubumnyama bu be ukukanya pambi kwazo, nokusongensonge ku qonde ntse. Ngi ya kuzenzela kona loku, a ngi yi ku zi shiya.
17Ba ya ku buyiselwa emva, ba jabe kakulu, aba temba izitombe ezibaziweyo, aba tyo ezitombeni ezincibilikisiweyo ukuti, Ni ngotixo betu.
18Yizwani, nina zitulu; nani zimpumpute, bhekani, ukuze ni bone.
19Ubani o impumpute, a si yo inceku yami na? Ubani o isitulu, njengesitunywa sami engi si tumayo na? Ubani o impumpute njengaye opeleleyo na? o impumpute njengenceku ka Jehova na?
20U bona okuningi, kepa a u bonisisi, izindhlebe zi vulekile, kepa a u zwisisi.
21uJehova u ya tokoza ngokulunga kwake; u ya kudumisa umteto wake, u wenze u bongeke.
22Kepa laba ba ngabantu abapangwayo ba qedwa; bonke ba ya tiywa ngemigibe, ba tukuswe ezindhlini zokubopela; ba into yokupangwa, a kuko obakululayo; ba into e nyatelwa, a muko o tyoyo, ukuti, Buyisa.
23Umupi kinina o ya kubeka indhlebe kuloku na? Umupi o ya kulalela e zwa isikati esizayo na?
24Ubani owa m nikela uJakobe a be into yokupangwa, naye uIsraeli emaseleni na? Kwa ku nge siye uJehova, yena esonile ngakuye na? ngokuba a ba vumanga ukuhamba ngezindhlela zake, be nga laleli umteto wake.
25Ngaloko u telile pezu kwake ukufuteka kolaka lwake, namandhla okulwa: kwa vuta umlilo ngakuye, kepa a kwazanga; kwa m tyisa, noko a ka nakekelanga.