1TULANI pambi kwami, nina ziqingi; abantu ba zuza amandhla amanye: ma ba sondele; ba kulume: ma si sondelane ekwahluleleni.
2Ubani owa vusa olungileyo empumalanga, wa m biza e ze ngasonyaweni lwake, wa m nika izizwe pambi kwake, wa m misa e busa pezu kwamakosi? wa ba nikela esinkembeni sake ba njengotuli nje, na njengeminyani e petyulwa umoya emcibityelweni wake.
3Wa ba xotya, wa dhlula kahle; ngendhlela ezi nga bonanga zi hamba ngayo izinyawo zake.
4Ubani o wenzileyo, owa biza na sekuqaleni izizukulwane na? Imina Jehova o ngowokuqala, nowokupela; ngi nguye.
5Iziqingi za kubona, zesaba; imikaulo yezwe yesaba, ya sondela, ya fika.
6Ba sizana bonke abakeleneyo; kwa ba ilowo wa ti kumfo wabo, Yimi isibindi.
7Njalo umbazi wa qinisa inyanga yegolide, nowa kanda ngesando owa tyaya itye lokukandela, e ti, Se ku lungele ukunamteliswa: wa ku qinisa ngezinkonkwane, ukuba ku nga zamazami.
8Kepa wena, Israeli, u inceku yami; uJakobe e ngi m ketileyo, inzalo ka Abahama isihlobo sami.
9Wena engi ku tatileyo emikaulweni yezwe, nga ku biza ezikulwini za kona, nga tyo kuwe, U inceku yami: Ngi ku ketile, a nga ku lahla.
10U ngesabi; ngokuba ngi nawe: U nga bi naluvalo, ngokuba ngi nguTixo wako: ngi ya kuqinisa; yebo, ngi ya kusiza; yebo, ngi ya kusekela ngesokunene sokulunga kwami.
11Bheka, bonke aba be ku tukutelela ba ya kuba namahloni ba jabe: ba ya kuba njengeze: abalwa nawe ba ya kububa.
12U ya kubafuna, u nga ba fumani, bona abalwe nawe: labo abalwe nawe ba ya kuba njengeze, na njengento e nge yaluto.
13Ngokuba mina Jehova uTixo wako ngi ya kusibamba isandhla sako sokunene, ngi tyo kuwe, U ngesabi: ngi ya kukusiza.
14U ngesabi, wena msundu Jakobe, nina bantu baka Israeli; ngi ya kukusiza, u tyo uJehova, nomhlengi wako, o ingcwele ka Israeli.
15Bheka, ngi ya kukwenzela isibulo esitya esibukali esi namazinyo; u ya kubula izintaba, u zi bete zi ze zi be zincinyane, u yenze imimango i be amakoba.
16U ya kuyela, i ya kumuka nomoya, i citwe isivunguvungu; wena u ya kutokoza ngoJehova, u be nodumo ngaye o ingcwele ka Israeli.
17Uma abampofu nabadingayo be funa amanzi, e ngeko, nolimi lwabo lu pele ngokoma, mina uJehova ngi ya kubezwa, mina uTixo wabaIsraeli a ngi yi kuba shiya.
18Ngi ya kuveza imifula ezindaweni ezi pakamileyo, nemitombo ezihlanjeni: ngi ya kwenza ihlane li be icibi, nomhlabati o womileyo u be imitombo yamanzi.
19Ngi ya kutyala ehlane umsedare, nomshita, nomurtle, nomgwenya; ngi tyale obala umuti ufire, umtidhari nomberoshe, nomkoba.
20Ukuze ba bone, bazi, ba qonde, be zwa kanye, ukuba isandhla sika Jehova si kwenzile loku, no ingcwele ka Israeli wa ku veza.
21Sondezani indaba yenu, u tyo uJehova; ni lande oku namandhla kwenu; i tyo inkosi ka Jakobe.
22Ma ba veze, ba si bonisa oku ya kuvela: ba bonise oku dhlulileyo, uma kwa ku ini ukuba, si ku cinge, sazi ukupela kwako; noma ba si tyela okuzayo.
23Yityoni okuzayo esikatini esipambili, ukuba si nazi ukuba ni ngotixo: yebo, ma nenze okulungileyo, noma okubi, ukuba si nga ku bheka si ku bone kanye.
24Bhekani ni ncinyane, ku noku nge luto, nomsebenzi wenu mubi ku nowenyoka: u inzondeko o ni ketileyo.
25U kona engi m vezile enyakato, u ya kuza: empumalanga u ya kubiza egameni lami: u ya kwehlela pezu kwamakosi njenga pezu kodaka, njengombumbi u xova ibumba.
26Ubani owa tyoyo ekuqaleni, ukuba sa kwazi na? na sesikatini esidhlulileyo, ukuba si nga ti, U lungile na? a muko okubonisileyo, yebo, no yedwa okutyiloyo, a muko ozwayo amazwi enu.
27Owokuqala u ya kutyo eZioni, Bhekanini ni ba bheke: ngi ku nika iJerusalema o za kumemeza izindaba ezinhle.
28Ngokuba nga bheka, kwa ku ngeko umuntu; pakati kwabo, wa ye ngeko no wompakati, o nga ngi pendula ngezwi, nxa ngi ba buzayo.
29Bhekani, ba ize bonke; nemisebenzi yabo i into i nge yaluto: nezitombe zabo ezibunjiwe ngokuncibilikisa zi umoya nesinyakanyaka.