1SONDELANI, nina zizwe, ni lalele; yizwani, nina bantu; ma u zwe nomhlaba, nako konke oku kuwo; nezwe, nako konke okuvela kulo.
2Ngokuba intukutelo ka Jehova i pezu kwezizwe zonke, nolaka lu pezu kwezimpi zazo: u zi citile impela, u zi nikile ekubulaweni.
3Nababuleweyo bazo ba ya kutyingwa, ukunuka ku ya kuvela ezidunjini zabo, nezintaba zi ya kuncibilikiswa ngegazi labo.
4Nebandhla lonke lezulu li ya kupela, nezulu li ya kusongwa njengencwadi esongiweyo; nebandhla lonke lalo li ya kuwa pansi njengeqabunga li vutuluka evinini na njengekiwane li wa emkiwaneni.
5Ngokuba isinkemba sami si ya kuhlanzwa ezulwini: bheka, se si za kwehlela Edumea, pezu kwabantu e ngi ba qalekisileyo, sehlela ukwahlulela.
6Isinkemba sika Jehova se si suti igazi, si nonile ngamanoni, na ngegazi lamacwane ne lezimbuzi, namanoni ezinso zezinqama; ngokuba uJehova u nokuhlabisa okukulu eBozra, nokubulala okukulu ezweni la sEdumea.
7Obedjane ba ya kuwa nazo, kanye nezinkomo nezinkunzi; izwe labo li ya kusuta igazi, notuli lwabo lu ya kunona ngamanoni.
8Ngokuba lu usuku lokupindisela kuka Jehova, ku umnyaka wokubuyisela ngokupikisana neZioni.
9Imifula ya kona i ya kupenduka i be itye notuli lwalo lu ya kuba isolufa, nezwe la kona li be itye elivutayo.
10A li yi kucinywa busuku namini; ukutunqa kwalo ku ya kukupuka njalo ku ze ku be pakade: isizukulwane ngesizukulwane li citekile; a ku yi kudhlula kulo muntu, na nini na nini.
11Kepa li ya kusala li be e lekomoranti ne la o nondwebu; ku hlale kulo isikova negwababa: u ya kwelula pezu kwalo intambo yokucita, neplumeti lencitakalo.
12Ba ya kubiza izikulu zalo zonke zi ze ukubusa, kepa a zi yi kubako, namakosana alo onke a ya kuba ize.
13Ameva a ya kuhluma ezindhlini ezinkulu zalo, imbati nobobo ezinqabeni zalo, li ya kuba indawo yokuhlala amadrako, nendhlu yezikova.
14Izilwane zehlane zi ya kuhlangana nezilwane zesigqingi kona, impisi i ya kukalelana nomgane wayo; isikova esikalayo si ya kuhlala kona, si zizuzele indawo yokupumula.
15Isikova esikulu si ya kwaka indhlu yaso kona, si zalele, si camisele, si fulele ngomtunzi waso: a ya kubutana kona amanqe ku be ilelo nomngane walo.
16Funani encwadini ka Jehova, ni funde: a ku ko nakunye kwa loku oku ya kupelela pansi, a ku ko oku ya kuswela umgane wako: ngokuba umlomo wake u tyilo, nomoya wake u ku hlanganisile ndawonye.
17Yena wa kwabela ngenkato, isandhla sake sa kwahlukanisela ngentambo: li ya kuba elako ku ze ku be pakade, ku ya kuhlala kulo izizukulwane ngezizukulwane.