1WO kuwena opangayo, u nga pangiwe wena: okohlisayo, be nga ku kohlisile wena, lapo u su gcinile ukupanga, u ya kupangwa nawe: na lapo u su gcinile ukukohlisa, ba ya kukukohlisa wena.
2Jehova, yiba nomusa kitina: si ku hlalele wena; yiba ingalo yabo kusasa njalo, nomsindisi wetu esikatini senhlupeko.
3Ekuzwakaleni komsindo, abantu ba baleka: na sekuvukeni kwako, izizwe za hlakazeka.
4Nempango yako i ya kubutwa njengokubuta kwecimbi; nanjengokuhlasela kwezinkumbi u ya kubahlasela.
5uJehova u pakeme: ngokuba u hlezi pezulu: u li gcwalisile iZioni ngokwahlulela na ngokulunga.
6Ukuhlakanipa nokwazi ku ya kuba ukuqiniseka kwesikati sako, namandhla ensindiso: ukwesabeka kuka Jehova ku igugu lake.
7Bheka, amaqawe abo a ya kukala ngasendhle: nezigijimi zokutula zi kale kakulu.
8Imigwaqo yenile, a ku sa hambi muntu: u sa pulile isivumelwano, u i delele imizi ka kataleli muntu.
9Umhlaba u ya kala, u dangele: iLebanoni li jabile, li gauliwe: iSharoni li njengehlane; neBashane neKarmeli li vutulukisa.
10Manje ngi ya kuvuka, u tyo uJehova manje ngo pakama: ngi zivuse.
11Ni ya kukulelwa amakoba, ni zale izisinde: nomoya wenu, njengomlilo, u ni qede.
12Nabantu ba be njengokutyiswa komcako: njengameva e nqunyiwe, ba ya kutyiswa emlilweni.
13Yizwani, nina eni kude, e ngi kwenzileyo mina; nani eni seduze, vumelanani ngamandhla ami.
14Izoni eZioni zi yesaba; ukungesabi ku betusile abakohlisi. Ubani kitina o ya kuhlala kanye nomlilo oqedayo na? Ubani kitina o ya kuhlala ekutyisweni okungapeliyo na?
15Yena o hamba ngokulunga, no kuluma kahle; no delela inzuzo yabangalungile, no nikina izandhla zake ekupateni umvuzo, no vimba izindhlebe zake ekuzweni ngegazi, no valayo amehlo ake ekuboneni okubi:
16Yena u ya kuhlala pezulu, indawo yake e inqaba i ya kuba emagumbini amatye; a piwe isinkwa; namanzi ake a qiniseke.
17Amehlo ako a ya kubona inkosi ebuhleni bayo; a ya kulibona izwe elikude kakulu.
18Inhliziyo yako i ya kutyo ngokwesaba, Upi umlobi? Upi owamkelayo? Upi yena owa e bala izinqaba na?
19A u i ku ba bona abantu aba nonya, abantu abalulimi lu sangene nawe u nga lu qondi; aba namalimi, ukuze u nga bezwa.
20Bheka iZioni, umuzi wobukosi bakiti; amehlo ako a ya kubona iJerusalema li indawo etulileyo, indhlu e nga yi ku wiswa pansi: ku nge be ku sa suswa neyodwa insika yakona, nezintambo zakona zi nga gqatyulwa nakanye.
21Kodwa lapo uJehova o nomusa u ya kuba kitina; indawo yemifula ebanzi nemifulana, lapo ku nga i ku ngena izikebe, nomkumbi omkulu u nge i dhluli.
22Ngokuba uJehova u ngumabi wetu, uJehova u ngumenzi wemiteto yetu, uJehova u inkosi yetu; u ya kusisindisa yena.
23Izibopo zako zi xegisiwe; be zi nge i qinise kahle insika yazo, be zi nga i ku yeneka indwangu: lapoke impango enkulu etatiweyo i ya kwahlukaniswa: abaqugayo ba tate impango.
24Owakileyo a nga tyo ukuti ngi ya gula: abantu aba hlala kona ba ya kuyekelwa ebubini babo.