1LAPO uIsraeli wa be se umtwana, kona nga m tanda, nga yi biza indodana yami i pume Egipite.
2Ba ba biza, njalo ba pumela ebusweni babo; ba hlabela uBalimi ba tyisa impepo kuzo izitombe ezibaziweyo.
3Mina nga m fundisa uEfraimi ukuhamba, nga ba pata ngezingalo zabo; kepa a bazanga ukuba nga ba pilisa.
4Nga ba donsa ngezintambo zomuntu, ngezibopo zotando; nga ba kubo njengabo a ba pakamisa iyokwe ezihlatini zabo, nga beka ukudhla kubo.
5A ka yi ku buyela ezweni la sEgipite, kepa uAsiria wo ba inkosi yake ngokuba ba nqaba ukubuya.
6Ko ti inkemba i ponswe pezu kwemizi yake, i qede imivalo yayo i yi dhle, ngenxa yokuqondiswa kwabo.
7Ba ti abantu bami ba tambeke ukuhlehla kimi; ngokuba ba ba bizela kuye Opakamileyo, a muko o ya ku m kulisa.
8Ngo ku dela kanjani na, Efraimi? ngo ku lahla kanjani na, Israeli? ngo kwenza njengeAdma kanjani na? ngo ku beka njengeZiboimi kanjani na? inhliziyo yami i ya pendulwa pakati kwami, umhau wami u ya tya kanye.
9A ngi yi kwenza ukuvuta kolaka lwami, a ngi yi ku buya ukucita uEfraimi; ngokuba ngi nguTixo, a ngi siye umuntu, ngi Oyingcwele pakati kwako; a ngi yi ku ngena ngolaka.
10Ba ya kulandela uJehova: yena wo bodhla njengebubesi; nxa e bodhla abantwana aba ngasentyonalanga ba ya kututumela.
11Ba ya kututumela njengenyoni e puma Egipite, na njengejuba e li vele ezweni la seAsiria; ngo ti ngi ba hlalise ezindhlini zabo, u tyo uJehova.
12uEfraimi u ya ngi haqa ngamanga, nendhlu ya seIsraeli ngenkohliso; kepa uJuda u sa zulela kuTixo, u kolisile kuye Oyingcwele.