1UISRAELI u isinwazi esenabayo, u ya zivezela isitelo, ngokokuningi kwesitelo sake, wandisile amalati, njengobuhle bezwe lake, wenzile zi be zihle izitombe zake.
2Inhliziyo yabo i hlukene; kaloku ba ya kupambeka, yena wo diliza amalati abo, wo cita izitombe zabo.
3Ngokuba manje ba ya kuti, A yiko inkosi ki tina, ngokuba a si m sabanga uJehova; ngako inkosi i ngenzani kiti na?
4Ba kulumile amazwi, be funga amanga, ukwenza uvumelwano; ngako ukwahlula ku ya mila njengenhlungunyembe emidweni yomhlabati.
5Abahlezi eSamaria ba ya kwesaba ngenxa yamatole a seBet-aveni; ngokuba abantu balo ba ya kulila pezu kwalo ngenxa yobukosi balo, ngokuba bu dedile kulo.
6Ko ti li yiswe eAsiria isipo kuyo inkosi e isita; uEfraimi u ya kwamkela ihlazo, noIsraeli wo jaba ngokuceba kwake.
7NgeSamaria, inkosi yalo i nqunyiwe, njengamabazelo ebusweni bamanzi.
8Izindawo ezipakamileyo za seAveni isono sabaIsraeli, si ya kucitwa; ameva nokula a ya kuhluma pezu kwamalati abo; bona ba ya kuti kuzo izintaba, Si sibekeleni, na kuyo imimango, Si weleni.
9Wena Israeli wonile kwa semihleni ya seGibea; bema kona lapo: ukulwa eGibea ngakubo abantwana bokubi a ku hlangananga nabo.
10Ku yintando yami ukuba ngi ba tyaye; bo ti abantu ba hlanganiswe ngakubo, ekubopweni kwabo ngokonakalisa kwabo okubili.
11uEfraimi u inkabi entya efundisiweyo, e tanda ukubula ukolweni, kepa mina nga dhlula pezu kwentamo enhle yayo ngi ya kwenza uEfraimi a kwele, uJuda wo lima, uJakobe a kuhlisele yena.
12Zihlwanyeleni ngokulunga, ni vune emuseni; m lime umhlabati odatyulweyo; ngokuba se ku isikati sokufuna uJehova, a ze a fike a nise ukulunga pezu kwenu.
13Ni limile ububi, ni vunile okubi; ni dhlile isitelo samanga: ngokuba wetemba endhleni yako, ekuvameni kweziqwaga zako.
14Ngako inxokozelo yo vuka pakati kwabantu bako, zi citwe zonke izinqaba zabo, njengoShalma o wa cita iBetharbeli ngosuku lokulwa; unina wa fohlozwa pezu kwabantwana.
15Njalo iBeteli li ya kwenza kini ngenxa yobubi obukulu benu; ekuseni inkosi i ya ku nqunywa impela.