1KWA ti uDina, indodakazi ka Lea, a m zalela yona uJakobe, wa puma wa ya ukubona amantombazana a lelozwe.
2uShekemi, indodana ka Hamori iHivi, inkosi yezwe, wa m bona, wa m tabata, wa lala naye, wa m ona.
3Inhliziyo yake ya bambelela kuDina, indodakazi ka Jakobe, wa i tanda intombazana, wa kuluma enhliziyweni yentombazana.
4Wa tyo uShekemi kuyise uHamori ukuti, Ngi tabatele lentombazana i be umkami.
5Wezwa uJakobe ukuti, u yonile indodakazi yake, uDina: amadodana ake a be e sezinkomeni zake endhle: uJakobe wa tula a ze a fika.
6Kwa ti uHamori uyise ka Shekemi, wesuka wa ya kuJakobe ukukuluma naye.
7A ti amadodana kaJakobe, e se zwile, a buya endhle: a hlupeka amadoda, a tukutela kakulu, ngokuba wenzile okubi ku Israeli ngokulala nendodakazi ka Jakobe; oku ngenziwayo.
8uHamori wa kuluma kuwo, e ti, Inhliziyo yendodana yami, uShekemi, i namatela ku yo intombazana ya kwenu: a ke ni mu pe yona, i be umkake.
9Ganiselanani nati, ni si pe amadodakazi enu, ni tabate amadodakazi etu.
10Ni ya kuhlala nati, izwe li za kuba ebusweni benu; yakani ni tengiselani, ni fuye kulo.
11Wa ti uShekemi kuyise na kubane wabo, Ma ngi zuze umusa emehlweni enu; Loko, eni ya kukutyo, ngi ya kuninika.
12Bizani kimi ukulobola okukulu, nesipo, ngi ya kunika njengaloko, eni za kukutyo kimi: kepa ngi nikeni umtwana, a be umkami.
13Amadodana ka Jakobe a m pendula uShekemi noHamori uyise a ba kohlisa, a ti ngokuba wa m ona uDina udade wabo.
14A ti kubo, si ngeyenze lento, ukuba, si nike umuntu o nga sokiwe, udade wetu; ngokuba loko ku ihlazo kiti.
15Kepa ngaloko si ya kunivumela, uma ni ba njengati, ba sokwe abesilisa bonke ba kini;
16Kona si ya kuninika amadodakazi etu, si tabate amadodakazi enu, si hlale nani, si be isizwe sinye.
17Kodwa uma ni nga si laleli, ni sokwe; kona si ya kutabata intombazana ya kwetu, si hambe.
18Amazwi abo a be mahle kuHamori, na kuShekemi indodana ka Hamori.
19Leyonsizwa a i libalanga ukuyenza lento, ngokuba ya yi i tanda indodakazi ka Jakobe: ya i nkulu yona kwabendhlu ka yise.
20uHamori noShekemi, indodana yake, be za esangweni lomuzi wabo, ba kuluma nabantu bomuzi wabo, ba ti,
21Laba bantu ba hlezi kahle nati; ma bake ezweni, ba hambe pakati kwalo; izwe, bhekani, li kulu inxa zonke ebusweni babo; a si tabate amadodakazi abo, a be omketu, si ba pe amadodakazi etu.
22Kepa ngaloku kupela lababantu ba ya kuvuma, ba hlale nati, ukuba si be isizwe sinye, nxa abesilisa bonke ba kiti be sokwa njengabo ba sokile.
23Imihlambi yabo, nemfuyo yabo, nazo zonke izinkomo zabo, a ku yi kuba okwetu na? a si vumelane nabo, kona be za kuhlala nati.
24Ba ti bonke abapuma esangweni lomuzi bezwa uHamori noShekemi indodana yake; ba soka abesilisa bonke, bonke abapuma esangweni lomuzi wake.
25Kwa ti ngosuku lwesitatu, be se nobuhlungu, amadodana amabili ka Jakobe, uSimeoni noLevi, abane wabo ka Dina, ba tabata bobabili izinkemba zabo ba ngena emzini, be nesibindi, ba bulala abesilisa bonke.
26Ba bulala uHamori noShekemi indodana yake ngosiko lwesinkemba, ba m tabata uDina endhlini ka Shekemi, ba puma.
27Amadodana ka Jakobe e za kwababuleweyo, a panga umuzi, ngokuba be m onile udade wabo.
28A tabata izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezinjomane zabo, nokwa ku semzini, nokwa ku sendhle,
29Imfuyo yonke yabo, nabantwana bonke babo, a tumba abafazi babo, a panga konke okwa ku sendhlini.
30Wa ti uJakobe kuSimoni noLevi, Ni ngi katazile, ni ngenze ngi ba nukele kabi abantu bezwe, amaKenani namaPerizi: loku si incozana, ba ya kungihlangayela, ba ngi bulale, ngi ya kucitwa, mina nendhlu yami.
31Ba ti, Nga e m patisile udade wetu okwesifebe na?