1LAPO se zi zwile izita zabaJuda nabaBenjamini ukuti, abatunjwayo be be makela uJehova uTixo wabaIsraeli itempeli;
2Za se zi za kuZerubabeli na kuzo izikulu za oyise, za ti kuzo; Ma sake nani; ngokuba si konza uTixo wenu njengani; si m hlabela kuqala emihleni ka Esarhadone inkosi ya seAsiria o wa si kupulela lapa.
3Kodwa uZerubabeli noJeshua nezinye izikulu za oyise zika Israeli, za ti kubo, A ni namsebenzi nati ukwakela uTixo wetu indhlu; loku tina sodwa si ya kumakela uJehova uTixo wabaIsraeli, njengokuyala kwenkosi uKuresi, inkosi ya sePersia.
4Kona abantu ba lelozwe ba nqenisa abantu ba seJudia, ba ba kataza ekwakeni.
5Ba tola ababacebayo ba ba kokela, ukuba ba cite umcebo wabo, izinsuku zonke zika Kuresi inkosi ya sePersia, kwa za kwa busa uDarisu inkosi ya sePersia.
6Ekubuseni kuka Ahashveroshe, ekuqaleni kokubusa kwake, ba bala incwadi yokuceba abantu ba seJudia naba seJerusalema.
7Emihleni ka Artasasta, uBishlamu, noMitredate noTabele, nabanye abahlanganyele naye, ba loba kuArtasasta, inkosi ya sePersia; incwadi ya balwa ngokwaba seSiria ya kumshelwa ngokwaba seSiria.
8uRehume inkosi yokwahlula, noShimshai umbali, ba bala incwadi kuArtasasta yokuceba aba seJerusalema, yokuti;
9Ngaleso sikati ba loba oRehume inkosi yokwahlula noShimshai umbali, nabanye abahlanganyele nabo; amaDine, nabaAfarsake, namaTapele, namaAfarese, namaArkeve, naba seBabulona, naba seSusa, namaDehave namaElami.
10Nezinye izizwe a zi tabatayo uAsnapere omkulu odumileyo, wa ba hlalisa emizini ya seSamaria, nabanye aba nganeno komfula, nokunjalo.
11Loku ku ukubalwa kwencwadi aba i tumayo kuye, kuArtasasta inkosi; Izinceku zako, abantu ba nganeno komfula, nokunjalo.
12A kwaziwe enkosini ukuti, abaJuda aba kupuka kuwe ukuza kitina, se be fikile eJerusalema, ba saka lomuzi ohlubukayo owonakele, se be qedile izindonga, ba lungisile izisekelo.
13A kwaziwe kaloku enkosini ukuti, uma lomuzi wakiwa, zi pelele izindonga, a ba yi ku nika isitelo, umnikelo nenkokelo, njalo u ya kuwona amakosi.
14Kaloku ngokuba sondhliwe inkosi, na ngokuba ku nga fanele si bone inkosi yoniwa; ngaloku si tuma, si bika enkosini;
15Ukuba ku hlolwe encwadini yokukumbuza ya oyihlo bako; njalo u ya kufumana encwadini yokukumbuza, wazi ukuti, lomuzi u ngumuzi ohlubukayo, owonayo amakosi namazwe, nokuti benza ukuhlubuka pakati kwawo endulo; ngaloko lomuzi wa citwa.
16Si bika enkosini si ti, uma wakiwa lomuzi, zi qedwa izindonga zawo, kona a ku yi kuba nandao nganeno komfula.
17Kwa ti inkosi ya tuma izwi koRehume inkosi yokwahlula, noShimshai umbali, na kwabanye abahlanganyele nabo aba hlala eSamaria, na kwabanye aba ngapesheya komfula, lokuti; Ukubusa, nokunjalo.
18Incwadi ena i tumayo kitina ya fundwa kahle pambi kwami.
19Nga memezela umteto, kwa hlolwa, kwa funyanwa, ukuti, lomuzi endulo wa vukela amakosi, kwenziwa ukuhlubuka nokupitizisa pakati kwawo.
20Kwa ku kona pezu kweJerusalema amakosi a namandhla, a be busa amazwe onke a ngapesheya komfula; a piwa inkokelo nomnikelo nesiteliso.
21A ke ni memezele umteto wokutiya laba bantu, ukuba ku ngakiwa lomuzi, ngi ze ngi memezele umteto.
22Xwayanike ukuba ni nga puti ngaloku; funa ku kule icala li wone amakosi.
23Kona, ukubalwa kwencwadi ka Artasasta inkosi se ku fundiwe pambi kuka Rehume noShimshai umbali, nabahlanganyele nabo, ba tyetya ba ya eJerusalema kubaJuda, ba ba tiya ngomkono na ngamandhla.
24Kona kwa nqamuka umsebenzi wendhlu ka Tixo e seJerusalema. Kwa nqamuka kwa za kwa ba umnyaka wesibili wokubusa kuka Darisu inkosi ya sePersia.