1SE ku fikile inyanga yesikombisa, abantwana baka Israeli se be semizini, abantu ba butanela ndawonye eJerusalema.
2Kona wa suka uJeshua indodana ka Jozadake, nabafo wabo abapristi, noZerubabeli indodana ka Shealtiele nabafo wabo, baka ilati lika Tixo waba Israeli, ukuba ba nikele pezu kwalo iminikelo yokutya njengokulotyiweyo emtetweni ka Mosi umuntu ka Tixo.
3Ba li misa ilati pezu kwezisekelo zalo; ngokuba ba be nokwesaba ngabantu ba lawomazwe; ba nikela pezu kwalo iminikelo yokutya kuJehova, iminikelo yokutya kusasa nakusihlwa.
4Ba londa umhlangano wamadokodo njengokubaliweyo, ba nikela iminikelo yokutya imihla ngemihla, ngokubala, njengomteto, into yosuku ngosuku lwayo.
5Na ngasemva kwaloko, ba nikela umnikelo wokutya wemihla ngemihla, neyezinyanga ezitwasileyo, neyemihlangano yonke ka Jehova, ehlukanisiweyo, neyabo bonke aba nikela ngesihle iminikelo yesihle kuJehova.
6Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikombisa ba qala ukunikela iminikelo yokutya kuJehova. Kodwa sa si nga ka bekwa isisekelo setempeli lika Jehova.
7Ba nika ababaza amatye nababaza imiti imali; ba nika aba seZidoni naba seTire ukudhla nokupuza namafuta, ukuba ba tabate imiti yesedare eLebanoni ba yi yise elwandhle lwa seJopa, njengokuvuma kuka Kuresi inkosi ya sePersia.
8Ngomnyaka wesibili wokuza kwabo endhlini ka Tixo eJerusalema, ngenyanga yesibili, ba qala oZerubabeli indodana ka Shealtiele, noJeshua indodana ka Jozadake, nabafo wabo abaseleyo, abapristi nabaLevi, nabo bonke aba be vela ekutelisweni be za eJerusalema, ba qala ba misa abaLevi, aba neminyaka engamashumi amabili na ngapezulu, ukuba ba bonise umsebenzi wendhlu yeNkosi.
9Kwa suka kanye uJeshua namadodana ake, nabafo wabo, noKadmieli namadodana ake, amadodana ka Juda, ukuba ba bonise izisebenzi zendhlu ka Tixo; namadodana ka Henadade, namadodana abo, nabafo wabo abaLevi.
10Abaki be sa beka isisekelo setempeli lika Jehova, ba misa abapristi, be hlobile, be namatilongo, nabaLevi amadodana ka Asafa, be nezingubu, ukuba ba m dumise uJehova ngemiyalo kaDavida inkosi ya seIsraeli.
11Ba hlabelela be m dumisa ngokumbonga uJehova; ngokuba e lungile, ngokuba umusa wake u pakade kubaIsraeli. Abantu bonke ba hlokoma ukuhlokoma okukulu be sa m dumisa uJehova, ngokubekwa kwesisekelo sendhlu ka Jehova.
12Kepa abaningi kubapristi nabaLevi naba izikulu za oyise, abadala, a be be bonile indhlu yokuqala, si sa bekwa isisekelo sa lendhlu pambi kwamehlo abo, ba kala ngezwi elikulu, kepa abaningi ba memeza kakulu ngokutokoza.
13Ba ti abantu ba be nge nakwahlukanisa udumo lokuhlokoma kokutokoza, nodumo lokuhlokoma kokukala kwabantu; ngokuba abantu be hlokoma ngokuhlokoma okukulu, udumo lwezwakala kude.