1UMOSI wa buta isizwe sonke sakwaIsraeli, wa ti kubo, Ilawa amazwi, a wa tyoyo uJehova ukuba ni wa gcine.
2Ko setyenzwa izinsuku ezi isitupa, kepa olwesikombisa a lu be usuku olungcwele kini, isabata lokupumula ku Jehova; lowo o sebenza umsebenzi ngalo a ka fe.
3Ni nga basi umlilo ezindhlini zenu ngosuku lwesabata.
4uMosi wa tyo kuso sonke isizwe sa kwaIsraeli, wa ti, Ileli izwi a li tyoyo uJehova, wa ti.
5Tabatani kini umnikelo ka Jehova; o nenhliziyo e tandayo a u lete umnikelo ka Jehova; igolide, nesiliva, netusi,
6Nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nokampokwe omuhle noboya bezimbuzi,
7Nezikumba ezibomvu zezinqama, nezikumba zamatahashi, nomuti womshita,
8Namafuta ekandelabra, namaka amafuta okugcoba, nawempepo eqoliweyo,
9Namatye amashohamu, namatye okwalukwa, awefodi, nawehoshene.
10Bonke abahlakanipileyo a beze, ba kwenze konke a ku tyiloyo uJehova;
11Itabanekele, netente lalo, nesifulelo salo, namakelaspi alo, namapulankwe alo, nezinti zalo, nezinsika zalo, nezisekelo zalo,
12Nekesi, nezinti zalo, nesisibekelo, neveli lokuhonqa,
13Netebula nezinti zalo, nezitya zonke zalo, nesinkwa sokubhekwa,
14Nekandelabra, nezitya zalo, namakandela alo, namafuta ekandelabra.
15Nelati lempepo, nezinti zalo, namafuta okugcoba, nempepo eqoliweyo, neveli lokuhonqa emnyango, emnyango wetabanekele,
16Ilati lomnikelo wokutyiswa, nekerate lalo letusi, nezinti zonke zalo, nezitya zalo, nelave nesinqe salo,
17Nezilenge zesihonqa, nezinsika zaso, nezisekelo zazo, neveli lokuhonqa emnyango wesihonqa,
18Nezikonkwane zetabanekele, nezikonkwane zesihonqa, nezintambo zazo,
19Nezivato zokukonza, ukukonza endaweni engcwele, izivato ezingcwele zika Aroni, umpristi, nezivato zamadodana ake, a be abapristi.
20Kwa puma ebusweni buka Mosi isizwe sonke sakwa Israeli.
21Besuka beza bonke abavuswa izinhliziyo zabo, nabo bonke aba qutywa umoya, ba leta umnikelo ka Jehova, owomsebenzi wetabanekele lokuhlangana, nowokukonza konke, nowezivato ezingcwele.
22Kwa fika abesilisa kanye nabesifazana, bonke aba qutywa izinhliziyo zabo, ba leta amasongo, neziviliba, nezindandato, neziinga, izinto zonke zegolide; nabo bonke aba nikela umnikelo wegolide ku Jehova.
23Nabo bonke okwa ku funyanwa kubo okuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nosheshe, noboya bezimbuzi, nezikumba ezibomvu zezinqama, nezikumba zamatahashi, ba ku leta.
24Bonke aba nikela umnikelo wesiliva, nowetusi ba leta umnikelo ka Jehova, nabo bonke okwa ku funyanwa kubo umuti womshita womsebenzi wenkonzo, ba u leta.
25Nabesifazana bonke abanhliziyo i hlakanipile ba pota ngezandhla zabo, ba leta okupotiweyo, okuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nosheshe.
26Nabesifazana bonke abanhliziyo i ba vusela ukuhlakanipa, ba pota uboya bezimbuzi.
27Nezikulu za leta amatye amashohamu, namatye okwalukwa, aweefodi, nawekoshene;
28Namaka, namafuta; awekandelabra, nawamafuta okugcoba, nawempepo eqoliweyo.
29Abaka Israeli ba leta umnikelo ku Jehova ngesihle; bonke abesilisa nabesifazana aba nhliziyo i ba vusile ukuba ba letele imisebenzi yonke, a be i yalile uJehova ngaye uMosi, ukuba yenziwe.
30uMosi wa ti kwabaka Israeli, Bhekani, uJehova u bizile ngegama uBezalele, indodana ka Uri, indodana ka Huri, wesizwe sika Juda;
31U m gcwalisile ngomoya ka Tixo, ngokuhlakanipa na ngokuqonda, na ngokwazi, na ngemisebenzi yonke,
32Ukuba a qambe imisebenzi emihle, a sebenze ngegolide, na ngesiliva, na ngetusi,
33Na ngokuqopa amatye okwalukwa, na ngokubaza imiti, ukuba a sebenze imisebenzi yonke yokulumba.
34U bekile enhliziyweni yake, ukuba a fundise, yena noAholiabi, indodana ka Ahisamaka, wesizwe sika Dani.
35Laba u ba gcwalisile ngokuhlakanipa kwenhliziyo, ukuba ba sebenze imisebenzi yonke, eyomqopi, neyenyanga yokwaluka, neyomfeketisi ngokuluhlaza, na ngokububende, na ngokubomvu, na ngosheshe, neyomaluki, eyabo abasebenza umsebenzi naba qamba imisebenzi yokulumba.