1UJEHOVA wa ti kuMosi, Zibazele izibhebhe ezibili zamatye njengezokuqala; ngi ya kuloba ezibhebheni amazwi a e kona ezibhebheni zokuqala owa zapulayo.
2A u be se u lungile kusasa, u kupuke kusasa, u ye entabeni ya seSinai, u me kona kimi entabeni pezulu.
3Ku nga kupuki muntu nawe, a ku nga bonwa muntu entabeni yonke; a ku nga dhli nezimvu nezinkomo ku leyontaba.
4Wa baza izibhebhe ezibili zamatye njengezokuqala; uMosi wesuka kusasa, wenyukela entabeni ya seSinai, njengokutyo kuka Jehova kuye, wa pata izibhebhe ezibili zamatye.
5uJehova wehla ngefu, we ma kona naye, wa memezela igama lika Jehova.
6uJehova wa dhlula pambi kwake, wa memeza, wa ti, uJehova, uJehova, uTixo o haukelayo, o nomusa, o bhekezelayo, o vama ubunene neqiniso,
7O gcina aba izinkulungwane ngobunene, o tetelela ububi, nokweduka, nokona, kodwa a ka yi kutetelela nempela aba lahlwa icala, e hambela kubantwana ngobubi ba oyise, na kubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesitatu, nesesine.
8uMosi wa tyetya wa kotamela pansi, wa kuleka.
9Wa ti, Nkosi, uma se ngi fumene umusa emehlweni ako iNkosi ma i hambe nati; ngokuba be ngabantu abantamo i lukuni; u si tetelele ububi betu nokona kwetu, u si tole si be abantu bako.
10Wa ti, Bheka, ngi yenza isivumelwano; ngi ya kwenza izimangaliso pambi kwabantu bonke bako, ezi nga bonanga zenziwa emhlabeni wonke, na kwa sinye isizwe; abantu bonke, aba kona pakati kwabo, ba ya kubona umsebenzi ka Jehova; ngokuba ku yesabeka loko engi ya kukwenza kuwe.
11Gcina loku engi ku yala ngako namhla; bheka, ngi ya xotya pambi kwako amaAmori, namaKenani, namaHiti, namaPerizi, namaHivi, namaJebusi.
12Zigcine, u ngenzi isivumelwano nabantu ba sezweni o ya kulo, funa ku be isitiyo kuwe;
13A no bidliza amalati abo, napule izitombe zabo, ni gaule oAshera babo;
14Ngokuba u nga konzi omunye utixo; ngokuba uJehova - igama lake li nguMona - u nguTixo o nomona;
15Funa wenze isivumelwano nabantu ba sezweni; ba ye ba pinge notixo babo, ba hlabele otixo babo, u menywe, u dhle umhlatyelo wake.
16U tabatele amadodana ako amadodakazi abo, amadodakazi abo a ye a pinge notixo babo, enze ukuba amadodana ako a ye a pinge notixo babo.
17U nga zenzeli otixo abapekiweyo.
18Gcina umhlangano wesinkwa esi nga vutyelwe. U dhle isinkwa esi nga vutyelwe izinsuku ezi isikombisa, njengokutyo kwami kuwe, ngesikati esimisiweyo senyanga uAbibi; ngokuba ngenyanga uAbibi wa puma Egipite.
19Konke oku ngamazibulo ku ngokwami, izinkomo zonke zako ezamaduna, amazibulo ezinkomo nawezimvu.
20Kepa izibulo lembongolo wo lenana ngeundhlu; uma u nga lenani, wo lapula intamo u wenane amazibulo onke kuwo amadodana ako. A ku nga bi ko o bonakala pambi kwami e nga pete luto.
21Wo sebenza izinsuku ezi isitupa, kepa ngosuku lwesikombisa wo pumula; u pumule ngesikati sokulima nesokuvuna.
22U gcine umhlangano wamasonto, wolibo lokolweni ovuniweyo, nomhlangano wokubuta ekupeleni, komnyaka.
23Katatu ngomnyaka abantwana bonke benu besilisa a ba bonakale pambi kweNkosi uJehova, uTixo ka Israeli.
24Ngokuba ngi ya kukipa izizwe pambi kwako, ngandise izwe lako; izwe lako li nga fiswa muntu, lapo wenyuka ukuya kubonakala pambi kuka Jehova, uTixo wako, katatu ngomyaka.
25U nga nikeli igazi lomhlatyelo wami kanye nesinkwa esi vutyelweyo; ku nga sali ku ze ku se umhlatyelo womhlangano wepasika.
26Okokuqala kolibo lwezwe lako wo ku leta endhlini ka Jehova, uTixo wako. U nga peki izinyane lembuzi obisini luka nina.
27uJehova wa ti kuMosi, Loba lawamazwi, ngokuba ngalawamazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwaIsraeli.
28Wa e kona noJehova izinsuku ezimashumi amane nobusuku obu mashumi amane; ka dhlanga ukudhla, ka puzanga amanzi; wa loba esibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo e ishumi.
29Kwa ti uMosi e sehla entabeni ya seSinai, izibhebhe zombili zomteto zi sesandhleni sika Mosi, e sehla entabeni, uMosi wa e ngazi ukuti, ubuso bake ba bu kazimula e sa kuluma naye.
30uAroni nabo bonke abaka Israeli ba bona uMosi, bheka, ubuso bake ba kazimula, besaba ukusondela kuye.
31uMosi wa ba biza; uAroni nezikulu zonke zesizwe za buyela kuye; uMosi wa kuluma kubo.
32Ngasemva kwa buya kwa sondela abaka Israeli bonke, wa ba yalela konke uJehova a be kutyilo kuye entabeni ya seSinai.
33uMosi wa qeda ukukuluma nabo; wa mboza ubuso bake ngeveli.
34Kepa uMosi, e sa ngena pambi kuka Jehova ukukuluma naye, wa susa iveli, wa za wa puma. Wa puma wa ba tyela abaka Israeli loko a ku yalelweyo.
35Abaka Israeli ba bona ubuso buka Mosi, ukuti, ubuso buka Mosi ba kazimula; uMosi wa mboza ubuso bake ngeveli wa za wa ngena ukukuluma naye.