1GCINA unyawo lwako ekuhambeni kwako ukuya endhlini ka Tixo, sondela ukuba u zwe ku nokuba u nikele umnikelo weziula, a zi qondi ukuba zenza okubi.
2U nga pangisi ngomlomo wako nenhliziyo yako ma i nga tyetyi ukupimisela amazwi ebusweni buka Tixo, ngokuba uTixo u sezulwini, u semhlabeni wena, ngaloko amazwi ako ma be incozana.
3Njengokuba ipupo li vela ngobuningi bomsebenzi kodwa izwi lesiula li vela ngokuvama kwamazwi.
4Uma u funga isifungo kuTixo u ngepuzi ukusifeza, a ka tokozi ngeziula; feza kambe njengaso isifungo sako.
5Ku lungele, u nga fungi ku nokuba u funge, u nga fezi.
6U nga vumeli umlomo wako ukuba u yenze inyama yako yone, u nga tyo pambi kwesitunywa ukuba ku ukupambuka, u menzelani uTixo a tukutele ngezwi lako a bulale umsebenzi wezandhla zako na?
7Noma ku vame amapupo, namazwi amaningi, noku ize, kodwa ma u mesabe uTixo.
8Uma u bona ukuhlutywa kwabampofu nokupambukiswa kokulunga nokokwahlulela ezweni, u nga mangali ngako; ngokuba o pezu kwabo bonke u ku lindile ku kona aba pezu kwabo.
9Loku inzuzo yomhlabati, e yabo bonke; nenkosi i ya zuza ngezwe.
10Otandayo isiliva a ka yi ku koleka isiliva notandayo ingcebo nenzalo: Naloku ku ize.
11Uma ingcebo yanda ba yanda nabayidhlayo. Inzuzoni kubanininyo kupela uku yi bona ngamehlo abo nje.
12Ubutongo kosebenzayo bumnandi noma e dhle oku incozana noma oku ningi: kodwa ubuningi bocebileyo a bu m vumeli a lale ubutongo.
13Ku kona ububi obukulu e ngi bu bonileyo pansi kwelanga, ukuti ukuceba ku gcinelwe abaniniko ku be ukonakala kubo.
14Kodwa ingcebo leyo i ya citeka, ngomsebenzi omubi u zala indodana i nga bi naluto esandhleni sayo.
15Njengokupuma kwake esiswini sika nina wo muka eze njengokupuma kwake: a ka yi kutabata luto emsebenzini wake, na nga ku pata esandhleni sake.
16Loku ku ububi obukulu ezintweni zonke, wo muka njengokufika kwake. U nanzuzoni o sebenzela umoya?
17Zonke izinsuku zake u ya dhla ebumnyameni u nokudabuka okukulu, nosizi kanye nokugula kwake.
18Bhekake, loku e ngi ku bonileyo ku lungile ku hle ukudhla, ukupuza nokwenama okuhle kuwo wonke umsebenzi wake a u sebenzayo pansi kwelanga, izinsuku zonke uTixo a m nikileyo zona loku ku isabelo sake.
19Abantu bonke uTixo u nikile kubo ingcebo nemfuyo, u nikile futi namandhla ukudhla kuko, nokutoba isabelo sake nokujabula emsebenzini wake. Loku ku isipo sika Tixo.
20Ngokuba a ka yi kukumbula kahle izinsuku zokupila kwake ngokuba uTixo u ya m pendula ngokujabula kwenhliziyo yake.