1NGA buya nga bhekisisa izinhlupo zonke ezenziwayo pansi kwelanga, nga bona izinyembezi zabo abahlutywayo, ba be nge naye umduduzi na sesandhleni saba ba hlupayo kwa ku kona amandhla; kodwa bona ba be nge namduduzi.
2Konake nga ba bonga a se ba fa a ba kade ba fa ku nabo abapilileyo aba se kona.
3Yebo u lungile ku nabo bobabili lowo o nga ka bi ko o nga ka boni umsebenzi o nga lungile o wenziwa pansi kwelanga.
4Nga buya nga qonda umsebenzi wonke, nenhlanhla yomsebenzi umuntu a m zonda ngayo umakelwane wake. Naloku ku ize, inkatazo yenhliziyo.
5Isiula si songa izandhla zaso, si zidhle umzimba waso.
6Si ti isandhla si sinye si gcwele kanye nokuhlala kahle sihle ku nezandhla zombili zi gcwele zi nomsebenzi nenkatazo yenhliziyo.
7Konake nga buya nga qonda nga bona o ku ize pansi kwelanga.
8Ku kona munye amuko owesibili a ka namntwana a ka namfo wabo, noko a u peli umsebenzi wake, neso lake a lesuti ngengcebo a ka tyo nokuti ngi sebenzela ubani ngapuca umpefumlo wami intokozo na? naloko ku ize ku luhlupo olukulu.
9Ababili bahle ku noyedwa ngokuba ba tola umvuzo olungileyo ngomsebenzi wabo.
10Uma be wa, omunye u ya m pakamisa umgane wake, kodwa au kuyena o yedwa ekuweni kwake ngokuba omunye a ka naye owokumvusa.
11Uma ababili be lele ndawonye ba nokufudumala kodwa o yedwa a nga fudumala kanjani na?
12Nxa omunye e meyisa ababili ba ya kumelana naye nentambo emicu mitatu a i tyetyi ukugqatyuka.
13Umntwana ompofu, nohlakanipileyo u lungile ku nenkosi endala, e isiula e nga sa vumi ukululekwa.
14Ngokuba omunye u puma endhlini yokubotywa, kanti omunye ozelwe ebukosini a be mpofu.
15Nga bheka abapilileyo bonke be hamba ngokuzidhla pansi kwelanga. Kanye nesizukulwane sesibili esi ya ku ngena esikundhleni sabo.
16Akuko ukupela kubantu nabapambili kwabo nabo aba ya ku vela ngasemva kwabo a ba yi ku tokoza kubo. Ngeqiniso loku ku ize ukuxotya umoya nje.