1UNEBUKADNEZARI inkosi, kubo abantu bonke, nezizwe, nezilimi e zi hlezi emhlabeni wonke. Inhlalo enhle yenu ma i vame.
2Kwa ku kuhle kimi ukutyela iziboniso, nemimangaliso uTixo opakamileyo a yenze nga kimi.
3Iziboniso zake zi kulu kangakanani! nemimangaliso yake i namandhla angakanani! Umbuso wake u ngumbuso ongunapakade, nokubusa kwake okwezizukulwane nezizukulwane.
4Mina Nebukadnezari nga be ngi pumula endhlini yami, ngi nenhlanhla esigodhlweni sami.
5Nga bona ipupo, la ti la ngetusa, nezicabango zami okukweni lwami, nezibonakaliso zekanda lami za ngesabisa.
6Ngako nga beka isiyalezelo ukungenisa pambi kwami bonke abahlakanipileyo ba seBabulona, ukuze ba ngazise ukucasisela kwepupo.
7Lapo kwa ngena amaqili, nabaMagi, nabaKaldi, nezanusi, nga tyo ipupo pambi kwabo, kepa ukucasisela kwalo a ba ngazisanga kona.
8Kepa emuva wa ngena uDanyeli pambi kwami, ogama lake li uBelteshazari ngokwegama lotixo wami, o nomoya wotixo abangcwele nga se ngi tyela ipupo pambi kwake, ngokuti,
9Belteshazari, sikulu samaqili, ngokuba ngi yazi ukuba umoya wotixo abangcwele u kuwe; futi a i ku katazi imfihlakalo neyodwa; ngi tyele izibonakalo zepupo lami e ngi li bonileyo, nokucasisela kwalo.
10Za ba njaloke izibonakalo zekanda lami okukweni lwami; nga be ngi bona, bhekake umuti pakati komhlaba, nokudepa kwawo kwa ku kulu.
11Umuti wa kula wa ba namandhla; kwa ti ukudepa kwawo kwa finyelela ezulwini; nokubonakala kwawo ekugcineni komhlaba wonke.
12Amahlamvu awo a be mahle, nezinhlamvu zawo eziningi, wa u nokudhla kwabo bonke; kwa ti izilwane za sendhle za ba nomtunzi pansi kwawo, nasemagatyeni awo za hlala izinyoni zezulu, ya ti inyama yonke yondhliwa kuwo.
13Nga be ngi bona ezibonakalweni zekanda lami okukweni lwami, bhekake, umlindi, ukuti oyingcwele ehla ezulwini.
14Wa memeza ngamandhla, wa tyo ukuti, Gaula umuti, u nqume amagatya awo, u vutulule amahlamvu awo, u hlakaze izinhlamvu zawo; izilwane ma zi suke pansi kwawo, nezinyoni emagatyeni awo.
15Noko shiya isiqu sezimpande zawo emhlabatini, si nesibopo sensimbi netusi ngasezitonjeni zomhlabati; ma si netwe amazolo ezulu, nenxenye yake i be nezilwane etyanini ba sendhle.
16Inhliziyo yake ma i pendulwe kwe yabantu, a nikwe inhliziyo yesilwane; futi izikati ezi isikombisa ma zi dhlule pezu kwake.
17Ngommemezo wabalindi ku kona lokukwahlula, nesiyalezelo sabayingcwele si yisimemezelo lesi; ukuze abakoyo bazi ukuba Opakamileyo u busa embusweni wabantu, a wu pe kuye a m tandayo, e misa pezu kwawo otobekileyo wabantu.
18Lelipupo mina Nebukadnezari inkosi ngi li bonile, ma u ti wena Belteshazari u tyele ukucasisela, ngokuba abahlakanipileyo bonke bombuso wami, a ba namandhla uku ngazisa ukucasisela; kodwa wena u namandhla, ngokuba umoya wotixo abayingcwele u kuwe.
19Lapo uDanyeli ogama lake li nguBelteshazari wa dumala ngehora linye nezicabango zake za m tutumelisa. Inkosi ya pendula ya ti, Belteshazari, ipupo nokucasisela ma ku nga ku tutumelisi. uBelteshazari wa pendula wa ti, ninimina, ipupo ma li be ku bona aba ku zondayo, noku casisela kwalo kuzo izita zako.
20Umuti owa wu bonayo, owa kula, wa ba namandhla, okudepa kwawo kwa finyelela ezulwini; nokubonakala kwawo emhlabeni wonke;
21Omahlamvu awo a be mahle, nezinhlamvu zawo eziningi, nokudhla kwabo bonke kuwo; pansi kwawo izilwane za sendhle za ba nomtunzi, nasemagatyeni awo za hlala izinyoni zezulu.
22U wena nkosi o kulile o namandhla, ngokuba ubukulu bako bu kulile, bu finyelele ezulwini; nokubusa kwako ekugcineni komhlaba.
23Na ngokuba inkosi ya bona umlindi ukuti oyingcwele ehla ezulwini, e ti, Gaula umuti, u wu bubise; noko shiya isiqu sezimpande zawo emhlabatini, si nesibopo sensimbi netusi ezitonjeni zomhlabati; ma si netwe umbete wezulu, nenxenye yake i be nezilwane za sendhle, zi ze zi dhlule pezu kwake izikati ezi isikombisa;
24Loku ku ngukucasisela nkosi; nokwahlula kwake Opakamileyo iloku o ku ze pezu komnini mina inkosi.
25Ba ya kuti ba ku xotye ebantwini, ku ti inhlalo yako i be nezilwane za sendhle; ba ku dhlise utyani njengezinkomo, ba ku netise ngombete wezulu, ku ti izikati ezi isikombisa zi dhlule pezu kwako, u ze wazi ukuba Opakamileyo u busa embusweni wabantu, a wu nike kuye a m tandayo.
26Na ngokuba ba yaleza ukushiya isiqu sezimpande zawo umuti, umbuso wako u me kuwe, emva kokuba wazi ukuba izulu li ya busa.
27Ngako, nkosi isiyalelo sami ma si vumeke kuwe, u nqamule ukwona kwako ngokulunga, nokupambeka kwako ngokuba nomusa ezimpofaneni; mhlaumbe ku nga ba ukujobelela kokupumula kwako.
28Loku konke kwa fika kuNebukadnezari inkosi.
29Ekupeleni kwezinyanga ezi ishumi nambili wa e hamba endhlunkulu yombuso wa seBabulona.
30Inkosi ya kuluma ya ti, Leli a si lo iBabulona elikulu e ngi lakele, li be indhlu yombuso, nokwahlula kwamandhla ami, li be futi ukuhloba kobukosi bami na?
31Izwi li se semlonyeni wenkosi, kwa wa izwi li vele ezulwini la ti, Ku wena nkosi Nebukadnezari ku kulunyiwe, umbuso se u sukile kuwe.
32Bo ti ba ku xotya kubantu, ku ti inhlalo yako i be nezilwane za sendhle, ba ku dhlise utyani njengezinkomo; ko ti izikati ezi isikombisa zi dhlule pezu kwako; u ze wazi ukuba Opakamileyo u busa embusweni wabantu, a wu nike kuye a m tandayo.
33Nga lesosikati izwi la fezwa pezu kuka Nebukadnezari; wa ti wa xotywa kubantu, wa dhla utyani, wa ti umzimba wake wa netwa umbete wezulu za ze izinwele zake za kula njengazo e zenqe, nezinzipo zake njengazo e zezinyoni.
34Ekupeleni kwezinsuku mina Nebukadnezari nga pakamisela amehlo ami ezulwini; kwa ti ukwazisiza kwami kwa buyela kimi, nga za nga m bonga Opakamileyo, nga babaza nga kulisa yena o hlezi pakade, okubusa kwake ku ngukubusa oku pakade, nombuso pezu kwezizukulwane nezizukulwane.
35Futi bonke aba hlezi emhlabeni ba balelwe ize, wenza njengentando yake empini ya sezulwini na kwaba hlezi emhlabeni; futi a muko o nga pebeza isandhla sake, a ti kuye, Wenzani na?
36Nga lesosikati ukwazisisa kwami kwa buyela kimi; ukuze ku be udumo lombuso wami, ubukosi bami, nokukazimula kwami kwa buyela kimi; ya ti impakati, nabakulu bami ba ngi funa; nge za nga lungiswa embusweni wami, nobukulu banezelwa kimi kakulu.
37Kaloku mina Nebukadnezari ngi babaza, ngi pakamisa, ngi kulisa iNkosi yezulu, imisebenzi yayo yonke i iqiniso, nezindhlela zayo ukwahlula; futi bona aba hamba ngokuzidhla, u namandhla uku ba dumaza.