1UBELSHAZARI inkosi wenzele abakulu bake aba inkulungwane idili elikulu, wa puza iwaini pambi kwaba inkulungwane.
2uBelshazari e sa li zwa iwaini wa yaleza ukuleta izitya zegolide nezesiliva uNebukadnezari uyise a zi kipa etempeleni eli be li seJerusalema; ukuze inkosi, nabakulu bayo, nabafazi bayo, nabo a bawo umudhlunkulu wayo ba puze ngazo.
3Lapo ba leta izitya zegolide e za kitywa etempeleni e li indhlu ka Tixo e be i seJerusalema; kwa ti inkosi, nabakulu bayo, nabafazi bayo, nabo a bawo umudhlunkulu wayo, ba puza ngazo.
4Ba puza iwaini ba babaza izitixo zegolide, nezesiliva, nezetusi, nezensimbi, nezomuti, nezelitye.
5Nga lesosikati kwa vela iminwe yesandhla somuntu, ya loba nga solutini lwesibane ekunamekweni kodonga lwendhlu yenkosi; ya ti inkosi ya bona impama yesandhla e sa lobayo.
6Lapo inkosi ukwenama kwayo kwa fipala, za ti izicabango zayo za yetusa, za ze za xega izinyonga zokalo lwayo; a tyayana amadolo ayo.
7Lapo inkosi ya memeza ngamandhla, ukungenisa abaMagi, nabaKaldi, nezanusi; Inkosi ya kuluma ya ti kwabahlakanipileyo ba seBabulona; Lomuntu o ya ku funda lombalo a ngi bonise ukucasisela kwawo u zo vata okubomvu, nesiyinga segolide entanyeni yake, a buse okwesitatu embusweni.
8Ba se be ngena abahlakanipileyo bonke benkosi, kepa ba be be nge namandhla ukufunda umbalo, noku yazisa inkosi ukucasisela.
9Lapo inkosi uBelshazari ya i katazeka kakulu, ukwenama kwayo kwa fipala pakati kuyo; ba dumala nabakulu bayo.
10Ngamazwi enkosi nabakulu bayo, inkosikazi ya ngena endhlini yokupuza; inkosikazi ya kuluma ya ti, Nkosi mana njalo! izicabango zako ma zi nga ku katazi, ku nga fipali nokwenama kwako.
11U kona umuntu embusweni wako o moya woTixo abayingcwele u kuye, kwa ti ngemihla ka yihlo, ukukanya, nokuqonda, nokuhlakanipa kwa funyanwa kuye, inkosi uNebukadnezari uyihlo, ngi tyo inkosi uyihlo ya m misa a be isikulu samaqili, nabaMagi, nabaKaldi, nezanusi.
12Ngokuba umoya odhlulayo, nokwazi, nokuqonda; umcasiseli wamapupo, otyelisisa ukucandela, umtukululi wemibuzo enqala, kwa funyanwa kuye uDanyeli, inkosi ya m biza uBelteshazari; kaloku ma ka bizwe uDanyeli, wo ti a bonise ukucasisela.
13Lapo uDanyeli wa ngeniswa pambi kwenkosi; Inkosi ya kuluma, ya ti kuDanyeli, Wena u ngu lowo Danyeli owamadodana a tunjwa eJudia, inkosi ubaba ya m leta e vele eJuda na?
14Ngi zwile ngawe ukuba umoya woTixo aba ingcwele u pakati kwako, futi ukukanya, nokuqonda, nokuhlakanipa okwadhlulayo ku funyenwe kuwe.
15Na manje abahlakanipileyo, nabaMagi ba ngeniswe pambi kwami, ukuze ba funde lombalo, bangazise ukucasisela kwawo, kepa ba ba be nge namandhla ukubonisa ukucasiselwa kwento.
16Ku te ngi zwile ngawe, ukuba u namandhla ukutyela ukucasisela, noku tukulula imibuzo enqala; kaloku uma u nga funda lombalo, u ngazise ukucasisela kwawo, u zo vata okubomvu, nesiyinga segolide entanyeni yako, u buse okwesitatu embusweni.
17Lapo uDanyeli wa pendula wa ti pambi kwenkosi, Izipo zako ma zi be ku wena, nemivuzo yako yi nike komunye; ngo wu funda pela umbalo kuyo inkosi, ngi yazise ukucasisela.
18Wena nkosi, uTixo opakamileyo wa m nika uNebukadnezari uyihlo umbuso, nobukulu, nodumo, nobukosi:
19Kwa ti ngobukulu o wa m nika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi ba be tutumela, ba saba pambi kwake; yena o wa m tanda, wa m bulala, futi o wa m tanda, wa m sindisa: o wa m tanda, wa m pakamisa, o wa m tanda, wa m dumaza.
20Kepa se i pakeme inhliziyo yake, nomoya wake u ze u be lukuni ngokuzidhla, wehliswa enhlalweni yombuso wake, ba susa nodumo lwake kuye.
21Kwa ti wa xotywa kubantwana babantu; ya ti inhliziyo yake yenziwa njengayo e yezilwane, nokuhlala kwake pakati kwezimbongolo, nomzimba wake wa netwa umbete wezulu, ukuze azi ukuba uTixo Opakamileyo u busa embusweni wabantu, a mise pezu kwawo yena a m tandayo.
22Kepa wena ndodana yake, Belshazari, a u tobisanga inhliziyo yako, nokuba wa kwazi loku konke.
23Kanti u zikukumezile nga kumNinizulu, futi ba lete izitya zendhlu yake pambi kwako, nawe nabakulu bako, nabafazi bako, nabo abawo umudhlunkulu wako ba puzile iwaini ngazo; u babazile wena izitixo zesiliva, negolide, netusi, nensimbi, nomuti, nelitye, e zi nga boni, zi ngezwa, zi ngazi, kodwa uTixo ompefumlo wako u sesandhleni sake, nezindhlela zako zonke si kuye, a u m dumisanga;
24Lapo impama yesandhla ya tunywa nguye; wa se u lotywa lombalo.
25Kuti lo u ngumbalo o wa lotywayo; MINE, MINE, TIKEL, UPHARSIN.
26Loku ku ngukucasisela kwento, MINE, uTixo u balile umbuso wako u wu qedile.
27TIKEL, U linganisile wena esilinganisweni, u funyenwe u lula.
28PIRES, Umbuso wako u hlukene, u nikiwe kwabaMadai, nabaParasi.
29Lapo uBelshazari wa yaleza, ba se be m ambesa uDanyeli okubomvu, nesiyinga segolide entanyeni yake; ba memeza ukuba, wo busa okwesitatu embusweni.
30Nga lobobusuku uBelshazari inkosi yabaKaldi wa bulawa.
31Wa ti uDarisu umMadai wamkela umbuso, e be neminyaka e ngamashumi atatisitupa nambili.