1USAULI wa e vumelene nabo ngokubulawa kwake. Nga lesosikati kwa hlutywa kakulu ibandhla la seJerusalema; bonke ba hlakazekela emazweni a seJudia na seSamaria, kwa sala abapostoli bodwa.
2Abantu abakolwayo ba m mbela uStefano, ba m kalela kakulu.
3Kepa uSauli wa cita ibandhla, e ngena ezindhlini zonke e hudula abesilisa nabesifazana, wa ba faka etilongweni.
4Abahlakazekileyo ba hamba njalo, be shumayela izwi.
5Kona uFilipu wehla wa ya emzini wa seSamaria, wa ba shumayeza uKristu.
6Abantu ba lalela nganhliziyonye lezozinto eza shunyayelwa uFilipu, be zwa be bona izimangaliso a zenzayo.
7Ngokuba kwa puma omoya ababi kwabaningi abakwelwa ibo, be memeza ngezwi elikulu; abaningi abakwelwa ubuparalio, naba izinyonga, ba piliswa.
8Kwa ba kona ukutokoza okukulu ku lomuzi.
9Kepa kwa ku kona umuntu, uSimone igama lake, owa be isanusi ku lomuzi ngapambili, wa ba mangalisa abantu ba seSamaria, e ti, u ngumuntu omkulu.
10Ba m lalela bonke, nabancinyane nabakulu, be ti, lomuntu u ngamandhla amakulu kaTixo.
11Ba m lalela ngokuba wa ba mangalisa isikati eside ngokubula.
12Kepa se be kolwa uFilipu, e shumayela izindaba zombuso ka Tixo, nezegama lika Jesu Kristu, ba bapatizwa abesilisa nabesifazana.
13Wa kolwa naye uSimone, wa bapatizwa, wa bambelela kuFilipu; wa mangala e bona izimangaliso nemisebenzi emikulu enziweyo.
14Abapostoli aba seJerusalema se be zwile ukuti, iSamaria se li lamkele izwi lika Tixo, ba tumela kubo uPetro noJohane.
15Se behlele kona ba ba kulekela ukuba ba piwe uMoya o ingcwele.
16Ngokuba wa e nga kehleli pezu kwamunye kubo; ba be bapatizwa ngegama leNkosi uJesu kupela.
17Ba se be beka izandhla pezu kwabo, ba piwa uMoya o ingcwele.
18uSimone e bona ukuba ku piwe uMoya o ingcwele ngokubekwa kwezandhla zabapostoli, wa ba letela imali.
19E ti, Ngi peni nami amandhla lawa, ukuba lowo engi beka izandhla pezu kwake amkele uMoya o ingcwele.
20uPetro wa ti kuye, Imali yako a i bube kanye nawe, ngokuba u ti isipo sika Tixo si nga tengwa ngemali.
21A u nakupiwa nakwabelwa ku lomsebenzi; inhliziyo yako a i lungile pambi kuka Tixo.
22Penduka ku lobububi bako, u kuleke kuTixo, ku nga ti mhlaumbe u tetelelwe ukuzindhla kwenhliziyo yako.
23Ngokuba ngi ya bona u senyongweni ebabayo, na sekubotyweni kokubi.
24uSimone wa pendula wa ti, Ngi kulekeleni eNkosini, ngi ngehlelwa nanye ya lezi zinto eni zi tyoyo.
25Se be qinisile, be shumayela izwi leNkosi, ba buyela eJerusalema, ba shumayela emizini eminingi yaba seSamaria.
26Kepa ingelosi yeNkosi, ya shumayela kuFilipu, i ti, Suka, u ye nga seningizimu, endhleleni e suka eJerusalema yehlela eGeza; ku ihlane.
27Wesuka wa hamba: kwa ku kona umuntu wa seKushi, induna, isikulu sika Kandake, inkosikazi yamaKushi, o be pezu kwayo, yonke imfuyo yayo, e be yile eJerusalema ukuba a kuleke.
28Wa be e se buya, e hlezi enqoleni yake, e funda umprofeti uIsaya.
29Kona uMoya wa ti kuFilipu, Sondela, u landele lenqola.
30uFilipu wa gijimela kona, wa mu zwa e funda umprofeti uIsaya, wa ti, U yezwisa loku o ku fundayo na?
31Wa ti, Ngi ngezwisa kanjani, uma ku nge ko umuntu o ngi qondisayo na? Wa m nxusa uFilipu ukuba a kwele a hlale naye.
32Isahlukwana sombalo, a be si funda, ilesi esi ti, Wa yiswa ekuhlatyweni njengemvu; njengeundhlu li tule pambi komgundi walo, u njalo naye ka vulanga umlomo wake.
33Ekutobekeni kwake ukunqunywa kwendaba kwa nqatyelwa; ubani o ya kulandisa inzalo yake? ngokuba ku suswa ukupila kwake emhlabeni.
34Induna ya pendula ya ti kuFilipu, A ke ngi buze kuwe, umprofeti u shumayela loku ngobani na? u zityo yena, u tyo omunye umuntu na?
35uFilipu wa vula umlomo wake, wa qala nga lombalo, wa shumayela kuye ngoJesu.
36Be sa hamba endhleleni, ba fika emanzini; induna ya ti, Nanga manzi; ku nqabani ukuba ngi bapatizwe na?
37(Wa ti uFilipu, Uma u kolwa ngenhliziyo yonke, ku ngenziwa. Wa pendula wa ti, Ngi ya kolwa ukuti uJesu Kristu u iNdodana ka Tixo.)
38Wa ti inqola a i me: behlela emanzini bobabili, uFilipu nenduna, wa i bapatiza.
39Se be kupukile emanzini, uMoya weNkosi wa mukisa uFilipu, induna a i banga i sa m bona; ya hamba ngendhlela yayo i tokoza.
40Kepa uFilipu wa funyanwa eZotu: wa shumayela, e dabula imizi yonke, wa za wa fika eKesaria.