1WA ti umpristi omkulu, Nembala lezizinto zi njalo na?
2Wa ti, Madoda, bazalwane, nobaba, lalelani. uTixo wobukosi wa bonakala kubaba wetu uAbrahama, e se seMesopotamia, e nga ka hlali eKarana,
3Wa ti kuye, Suka ezweni la kini, na sezihlotyeni zako, u ye ezweni engi ya kukubonisa lona.
4Kona wa puma ezweni lamaKaldia, wa hlala eKarana. Se e file uyise, uTixo wa m susa lapo, wa m hlalisa ku lelizwe eni hlezi kulo kaloku.
5Kodwa ka m nikanga ifa kulo, qa, nabala lonyawo; kepa wa m tembisa wa ti u za kumnika lona, li be lake nelenzalo yake emva kwake, e nga ka bi namntwana.
6uTixo wa shumayela ngokunje, wa ti, Inzalo yake i ya kuba abafo ezweni lezizwe, ba yenze izigqili, ba i pate kabi iminyaka e ngamakulu amane.
7Isizwe e ya kuba izigqili kuso ngo si jezisa, wa tyo uTixo; emva kwa loko i ya ku puma, i ngi konze ku lendawo.
8Wa m misela isivumelwano sokusoka; njalo wa zala uIsaka; wa m soka ngosuku lwesishiyagalombili; uIsaka wa zala uJakobe; uJakobe wa zala okoko aba ishumi nambili.
9Okoko ba be nomona, ba tenga ngoJosefa a ye Egipite: kodwa uTixo wa be naye.
10Wa m kulula ku zo zonke izinhlupeko zake, wa m nika umusa nokuhlakanipa pambi kuka Faro, inkosi ya sEgipite; wa m enza umbusi pezu kwEgipite na pezu kwendhlu yonke yake.
11Kwa fika indhlala ezweni lonke la sEgipite nela seKanani, nokuhlupeka okukulu; obaba betu a ba fumana ukudhla.
12Kepa uJakobe se e zwile ku tiwa a kona amabele Egipite, wa qala wa tuma obaba betu.
13Kwa ti ngokwesibili uJosefa waziwa abafo wabo, kwa bikwa kuFaro aba kubo baka Josefa.
14uJosefa wa tuma wa biza uyise uJakobe nendhlu yonke ya kubo, abantu abamashumi a isikombisa nanhlanu.
15Wehla uJakobe wa ya Egipite, wa fa yena, nobaba betu.
16Ba yiswa eSikemi, ba mbelwa etuneni ela tengwa uAbrahama ngemali kubantwana baka Emori, uyise ka Sikemi.
17Kepa se si sondele isikati sesitembiso, uTixo a si qinisa kuAbrahama ngokufunga, abantu banda, ba ba baningi Egipite.
18Kwa za kwa vela enye inkosi e bi nga m azi uJosefa.
19Yona ya pata ngobuqili isizwe sa kiti, ya ba hlupa obaba betu, ya ti ma ba lahle izingane zabo, zi nga pili.
20Nga lesosikati wa zalwa uMosi, e muhle kakulu, wondhliwa izinyanga ezintatu endhlini ka yise.
21Se e lahliwe, indodakazi ka Faro ya m tola, ya mondhla a be umntwana wayo.
22uMosi wa fundiswa ukuhlakanipa konke kwaba sEgipite; wa ba namandhla ngamazwi na ngemisebenzi.
23E se e neminyaka emashumi amane, kwa ngena enhliziyweni yake ukuba a hambela abafo wabo, abantwana baka Israeli.
24Wa bona umuntu wa kubo e petwe kabi, wa m vikela, wa m pindisela ohlutyiweyo, wa m bulala o wa sEgipite.
25Wa e ti abafo wabo ba za kuqonda ukuti, uTixo u za kubakulula ngesandhla sake; kepa a ba qondanga.
26Ngangomso wa fika kubo, se be lwa, wa ba lamula, e ti, Madoda, ni ngabazalwane, nonana ngani na?
27Kepa owa m ona owakelene naye, wa m kapa, e ti, Ubani o kwenze inkosi nomahluli pezu kwetu na?
28U funa ukubulala mina, njengaloku wa m bulala o wa sEgipite izolo na?
29uMosi wa baleka nga lokokutyo, wa ya wa ba umfo ezweni la seMedia, lapo wa zala kona amadodana amabili.
30Se ku pele iminyaka emashumi amane ingelosi yeNkosi ya bonakala kuye ehlane la sentabeni ya seSinai, i selangabini lomlilo esihlahleni.
31uMosi e bona, wa mangala ngesibonakaliso; e sa sondela e bhekisisa, kwezwakala kuye izwi leNkosi,
32Li ti, Ngi nguTixo wa woyihlo bako, uTixo ka Abrahama, noTixo ka Isaka, noTixo ka Jakobe. uMosi wa tutumela, wa e nge nasibindi sokubhekisisa.
33Inkosi ya ti kuye, Kumula izicatulo zako ezinyaweni zako: ngokuba indawo o mi kuyo i umhlabati o ngcwele.
34Ngi bonile nokubona ukuhlutywa kwabantu bami aba sEgipite; ngi zwile ukububula kwabo, ngehlile ukuze ngi ba kulule. A ku ze kaloku ngi za kukutuma, u ye Egipite.
35uMosi lowo aba m alayo, be ti; Ubani o kwenze inkosi nomahluli? uTixo wa m tuma yena lo, a be inkosi nomkululi, ngesandhla sengelosi eya bonakala kuye esihlahleni.
36Yena wa ba pumisa, e zenza izimangaliso nezibonakaliso ezweni la sEgipite, na selwandhle olubomvu, na sehlane iminyaka emashumi amane.
37Uyena uMosi lowo, owa ti kubantwana baka Israeli, iNkosi uTixo wenu i ya kunivusela umprofeti kubazalwane benu o njengami; ni ya kumuzwa yena.
38Lo u nguye owa e kona ebandhleni ehlane, nengelosi eya shumayela naye entabeni ya seSinai, kanye nobaba betu; owamkela amazwi okupila ukuze a si nike wona.
39Kepa obaba betu ba be nga vumi ukumlalela, ba m ala ba buyela Egipite ngezinhliziyo zabo.
40Ba ti kuAroni, Senzele otixo, aba ya kuhamba pambi kwetu; ngokuba uMosi lo owa si pumisa ezweni la sEgipite, a sazi ukuba wehlelwe ini.
41Ba suka benza inkonyana nga leyomihla, ba nikela umnikelo emfanekisweni, ba tokoza ngemisebenzi yezandhla zabo.
42Kona uTixo wa fulatela, wa ba shiya, ba konze ibandhla lezulu; njengokulotyiweyo encwadini yabaprofeti ukuti, Nina ndhlu ka Israeli, be ni ngi nikele iminikelo nemihlatyelo ehlane iminyaka emashumi amane na?
43Yebo, na tabata indokodo lika Moloko, nenkanyezi yotixo wenu uRemfani, imifanekiso ena yenza ukuba ni kuleke kuyo; ngi ya kunimukisa, ngi ni yise ngapambili kweBabulona.
44Kwa ku kona kobaba betu ehlane idokodo lobufakazi njengokumisa kwake, e tyo kuMosi ukuba a lenze ngomfanekiso, a be u bonile.
45Obaba betu kanye noJoshua ba lamkela lona, ba ngena nalo, be sa fuya izwe lezizwe, eza xotywa uTixo ebusweni ba obaba betu, kwa za kwa ba emihleni ka Davida:
46Owa fumana umusa pambi kuka Tixo, wa fisa ukumzuzela uTixo ka Jakobe indhlu.
47Kepa uSolomona wa m akela indhlu.
48Kodwa oPezulu konke ka hlali ematempelini enziwe ngezandhla, njengokutyo komprofeti ukuti,
49Izulu li isihlalo sami, umhlaba u isenabelo sezinyawo zami, ni ya kungakela indhlu yani na? I tyo iNkosi; i ipi indawo yokupumula kwami na?
50Isandhla sami a si zenzile lezizinto zonke na?
51Nina abantamo zilukuni aba nga sokanga ngezinhliziyo na ngezindhlebe, ni ya m alela njalo uMoya o ingcwele, ni njengoyihlo benu.
52U mupi umprofeti oyihlo benu a ba nga m hlupanga na? Ba bulala aba be shumayela ngokuza kolungileyo, e se ni m nikele, na m bulala.
53Nina enamkela umteto ngokuhlela kwezingelosi, kepa a ni u londanga.
54Se be zwe loko, ba tukutela, ba gedhla amazinyo kuye.
55Kepa yena, e gcwele uMoya o ingcwele, wa bhekisisa ezulwini, wa bona ubukosi buka Tixo, noJesu e mi ngakwesokune sika Tixo.
56Wa ti, Bheka, ngi bona izulu li vuliwe, neNdodana yomuntu i mi ngakwesokunene sika Tixo.
57Kona ba memeza ngezwi elikulu, ba vimba izindhlebe zabo, ba m kandanisela kanyekanye,
58Ba m kipela ngapandhle komuzi, ba m kanda ngamatye. Ofakazi ba beka izingubo zabo nga sezinyaweni zensizwa igama layo li nguSauli.
59Ba m kanda ngamatye uStefano, e kuleka, e ti, Nkosi Jesu, yamkela umoya wami.
60Wa guqa ngamadolo, wa kala ngezwi elikulu, e ti, Nkosi, u nga beki kubo lesisono. Se ku tyilo loku, wa lala ubutongo.