1KEPA yazi loku, ukuti, ngezinsuku zokugcina, ku ya kufika izikati zokuhlupeka.
2Ngokuba abantu ba ya kuba aba zitandayo, aba fisa imali, aba zikulisayo, aba zidhlayo, aba tukayo, aba nga laleli abazali babo, aba nga bongiyo uTixo, aba nga hlanzekiyo,
3Aba nge namusa, aba nge nakutuliswa, aba hlebayo, aba nga zikuziyo, aba nge nabunene, aba zonda abalungileyo,
4Aba nikela abanye, aba pangisayo, aba zikukumezayo, aba tanda ukutokoza, be nga bi aba tanda uTixo;
5Be nesimo sokukonza, kepa ba pika amandhla ako; ba dele abanjalo.
6Ngokuba ibo abangenayo ezindhlini, bedusa abesifazana aba sindwa izono, be holwa izinkanuko ngezinkanuko;
7Be funda njalo, kodwa be nge ke ba bambisisa iqiniso.
8Njengokuba uJane noJambre bemelana noMosi, ba njalo na labo bemelana neqiniso; abantu abonakele ngenhliziyo, aba nga qiniseki ekukolweni.
9Kepa ba nge qubeke; ngokuba ukona kwabo ku ya kuba sobala kubo bonke, njengokwa labo kwa ba sobala.
10Kepa wena u zwisise ukufundisa kwami, nokuhamba kwami, nokuceba kwami, nokuqiniseka kwami, nokubheka kade kwami, nokutanda kwami nokubekezela kwami;
11Nokuzingelwa, nokuhlupeka, nako okwa ngehlela eAntioki, na seIkonio, na seListra; ukuzingelwa okungaka enga bekezela kuko! kepa iNkosi ya ngi sindisa kuko konke:
12Yebo, bonke abatanda ukuhamba ngobuqoto kuKristu Jesu, ba ya kuzingelwa.
13Kepa abantu ababi, nabakohlisayo ba qubeka ebubini njalo, bedukisa, bedukiswa.
14Kodwa yima wena ku loko o ku fundileyo, nowa ku kolwayo, wazi ukuba u ku funde kubani;
15Nokuti iloku wa zalwayo wazi imibalo engcwele, e namandhla okukuhlakanipisa, u ze u sindiswe, ngokukolwa, oku kuKristu Jesu.
16Imibalo yonke i piwe uTixo, i lungele ukufundisa, nokutetisa, nokulungisa, nokululeka ngokulunga;
17Ukuze umuntu ka Tixo, a pelele, a lungiselwe imisebenzi emihle yonke.