1NGAKO ngi ku yala pambi kuka Tixo, noJesu Kristu o za kubahlulela abapilayo nabafileyo, ekufikeni kwake, na sekubuseni kwake;
2Shumayela izwi, u qinise ngesikati esilungileyo na ngesikati esingalungile; tetisa, u kuze, u luleke ngokubekezela na ngokufundisa.
3Ngokuba isikati si ya kufika, aba nga yi kuvuma ngaso ukuba ba fundiswe iqiniso; kepa ngokokufisa kwabo ba ya zibutela abafundisi, be batywa izindhlebe;
4Ba ya kufulatela, ba ngezwa iqiniso, ba pambukele kuzo izinganekwane.
5Kepa qonda wena ngako konke, u kutazele ekuhlupekeni, wenza umsebenzi womvangeli, u qinise ukukonza kwako.
6Ngokuba se ngi za kunikelwa; isikati sokudhlula kwami si sondele.
7Ngi lwile ukulwa okuhle, ngi qedile ukuhamba kwami, ngi gcinile ukukolwa;
8Se ngi bekelwe umqele wokulunga, e ya kungipa wona iNkosi, umAhluli olungileyo, nga lolosuku; a si mina ngedwa; ba ya kuupiwa bonke abatandayo ukufika kwayo.
9Qinisa ukuza kimi masinyane.
10Ngokuba uDemasi u ngi shiyile, wa tanda lelizwe lamanje, wa ya eTesalonika; uKreske u ye eGalatia, uTitusi u ye eDalmatia.
11uLuka yedwa u lapa nami. U ze noMarko; ngokuba u ya ngi siza ekukonzeni.
12Kepa ngi m tumile uTikiku eEfesu.
13Ingubo enga i shiya eTroa kuKarpo, wo i leta ekuzeni kwako, nezincwadi, kakulu amapepa esikumba.
14uAlesando umkandi wetusi wa ngenzela okubi okuningi; iNkosi a i pindise kuye njengemisebenzi yake.
15M xwaye yena, ngokuba wa wa pikisa kakulu amazwi etu.
16Ekupenduleni kwami kuqala kwa ku nge ko muntu o ngi melayo; bonke ba ngi shiya; ku nga ba nga tetelelwa.
17Kepa iNkosi ya ngi mela, ya ngenzela amandhla, ukuze ukushumayela ku qiniswe nokuqiniswa, bezwe abezizwe bonke; nga kitywa emlonyeni wengonyama.
18Inkosi i ya kungikipa kuyo yonke imisebenzi emibi, i ngi sindise, ngi ze embusweni wayo ezulwini; a ku be kuyona ubukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
19Ngi konzele kuPriska noAkwila, na kuyo indhlu ka Onesiforo.
20uErasto wa sala eKorinte; kepa nga m shiya uTrofimo eMilito, e gula.
21Qinisa u ze ku nga ka fiki ubusika. Ba konza kuwe oBulo, noPude, noLino, noKlaudia, nabazalwane, bonke.
22iNkosi uJesu Kristu a i be nomoya wako. A ku be kini umusa. Ameni.