1WA ti uAhitofeli futi kuAbsalomu, ma ngi kete manje amadoda a izinkulungwane ezi ishumi nambili, ngi vuke ngi landele uDavida nga lobu 'busuku.
2Ngi m fikele e katele, nezandhla zi butakataka, ngi mesabise; abantu bonke aba naye ba ya kubaleka; ngi bulale inkosi kupela.
3Ngi ya kubuyisela kuwe bonke abantu; Yena o m funayo, ku ya kuba sengati bonke ba buyile; ngako bonke abantu ba ya kuba nokutula.
4Loku kutyo kwa m jabulisa uAbsalomu namalunga onke a kwaIsraeli.
5Wa e se ti uAbsalomu, Bizani uHushai umArki futi, si zwe akutyoyo yena.
6Lapo uHushai e se fikile kuAbsalomu wa kuluma kuye e ti, uAhitofeli u kulumile kanje, senze njengokutyo kwake na? uma ku nge njalo; kuluma wena.
7uHushai wa ti kuAbsalomu, amazwi kaAhitofeli a wa kulumileyo, a ka lungile ngalesi 'sikati.
8Wa ti uHushai, ngokuba u ya mazi uyihlo nabantu bake, ukuba ba ngamaqawe a namandhla, nokuba ba cunukele ezinhliziyweni zabo njengebere eli lahlekelwe amazinyane alo ehlane; uyihlo u iqawe empini, a ka i kuhlala nabantu.
9Bheka manje u zitukusile emgodini, noma kwenye indawo; ku ya kuti lapo abanye be bulewe kuqala, okuzwayo u ya kuti, ku kona ukubulalana kubantu abalandela uAbsalomu.
10Naye o nesibindi onhliziyo yake i njeng e yengonyama, u ya kuncibilika impela, ngokuba abaIsraeli bonke ba yazi ukuti uyihlo u indoda e namandhla nabo aba naye ba amaqawe.
11Ngako inkulumo yami i ti aba kaIsraeli bonke ma ba butanele kuwe, ku suke eDani kuze ku fike eBeresheba, njengesihlabati sa selwandhle ngobuningi, nawe u ye empini uqobo lwako.
12Ngako si ya kumfikela endaweni lapo e nga tolwa kona, si mehlele njengokuwela kombete emhlabatini; yena nabantu bake bonke aba naye a ku yi ku sala noyedwa.
13Noko e ngenile emzini aba kaIsraeli bonke ba ya kutela izintambo kulowo 'muzi, si wu donsele emfuleni, ku nga be ku sa tolwa nelilodwa itye nelincane kona.
14uAbsalomu nabantu bonke bakwa Israeli ba ti, Inkulumo ka Hushai umArki, i lungile ku nenkulumo ka Ahitofeli. Ngokuba uJehova u be misile u kwahlula inkulumo elungileyo ka Ahitofeli, ngecebo lokuba uJehova e hlisele ububi kuAbsalomu.
15Wa e se ti uHushai kuZadoki nakuAbiata abapristi, uAhitofeli wa kuluma kuAbsalomu na sezikulwini zakwa Israeli kanje; mina nga kuluma kanje nakanje.
16Tumelanike masinyane kuDavida, ni ti, musa ukuhlala nga lobu 'busuku ematafeni a sehlane, kodwa wela masinyane; funa inkosi i gwinywe, nabantu bonke aba nayo.
17uJonatani noAhimaazi ba be hlala nga se Enrogeli, ukuze ba nga bonwa ukungena kwabo emzini; intombi ya hamba ya ba tyela ukuba ba hambe ba tyele inkosi uDavida.
18Noko umfana wa ba bona wa tyela Absalomu, kodwa ba hamba bobabili masinyane, ba fika endhlini yomuntu eBahurimu, e ya i nomgodi wamanzi egcekeni lake; ba ngena kuwo.
19Owesifazana wa mboza umlomo womgodi, waneka umbila ogaiweyo pezu kwawo; ku ngaziwa muntu loko.
20Lapo izinceku zika Absalomu za fika kowesifazana endhlini, za ti, upi uAhimaazi noJonatani? wa ti owesifazana kubo, ba wele umfula wamanzi. Lapo se be funile be nga ba toli, ba buyela eJerusalema.
21Kwa ti, se be hambile ba puma emgodini ba hamba ba tyela inkosi uDavida, ba ti kuDavida. Suka u dhlule masinyane emfuleni; ngokuba uAhitofeli u kulumile ngawe kanje.
22uDavida wa vuka, nabantu bonke aba be naye, ba wela iJordani. Lapo kumpondo-zankomo, a kwa sala 'muntu o nga li welanga iJordani.
23Lapo uAhitofeli e bona ukuba inkulumo yake a i nakekelwanga, wa bopela imbongolo yake, wa vuka wa buyela endhlini yake, emzini wake, wa lungisa indhlu yake, wa zipanyeka, wa fa, wambelwa etuneni lika yise.
24uDavida wa e se fika eMahanaimi, uAbsalomu wa wela iJordani, yena nabantu bonke bakwa Israeli kanye naye,
25uAbsalomu wa misa uAmasa a be induna yempi endaweni ka Joabi. uAmasa wa e indodana yomuntu ogama lake li ngu Itra umIsraeli, o wa ngena kuAbigaili indodakazi ka Nahashi, udade wabo ka Zeruia unina ka Joabi.
26Ngako aba ka Israeli, noAbsalomu ba misa ezweni laseGiladi.
27Kwa ti, uDavida e se fikile eMahanaimi, uShobi indodana ka Nahashi waseRaba, wabantwana baka Amoni, noMakiri indodana ka Ammieli waseLodeba, noBarzillai umGiladi waseRogelimu;
28Ba m letela amacansi, nezitya, nezitya zebumba, nokolweni, nebale, nempupu, notywele, nobontyise, namalentile, notywele lombila.
29Nezinyosi, namafuta, nezimvu, namasi enkomo, uDavida, nabantu aba be naye, ukuba ba dhle; ngokuba ba ti, abantu ba lambile, ba katele, bomile futi ehlane.