1WA tike uSolomona, uJehova u tyilo ukuba u ya kuhlala ebumyameni obukulu.
2Kodwa mina ngi yakile indhlu yokuhlala wena, nendawo yokuba u hlale njalo njalo.
3Nenkosi ya pendula ubuso bayo, ya busisa sonke isixuku sakwa Israeli, nabo bonke bema ngezinyawo.
4Wa ti, ma ka busiswe uJehova uTixo ka Israeli, o se kwenzile ngezandhla zake loko a ku kuluma ngomlomo wake kuDavida ubaba, eti,
5I loku nga kipa abantu bami ezweni lasEgipite, a ngi ketanga muzi kuzo zonke izizwe zakwaIsraeli ukwaka indhlu kona, ukuba li be lapo igama lami; a ngi ketanga muntu futi ukuba a buse abantu bami abaIsraeli.
6Kodwa ngi ketile iJerusalema, ukuba li be lapo igama lami; nga keta uDavida a be pezu kwabantu bami abaIsraeli.
7Kwa ku kona enhliziyweni ka Davida ubaba, ukumakela uJehova uTixo ka Israeli indhlu.
8Kodwa uJehova wa ti kuDavida ubaba, Ngokuba kwa ku kona enhliziyweni yako ukulakela igama lami indhlu, wenza kahle ngokuba kwa ku senhliziyweni yako;
9Kodwa a ku i ku yaka indhlu wena; kodwa indhlu yegama lami i ya kwakiwa indodana yako e puma okalweni lwako.
10uJehova u li fezileke izwi a li kulumileyo; mina ngi vukile endaweni ka Davida ubaba, ngi bekiwe pezu kwesihlalo sobukosi sika Israeli, njengokuqinisa kuka Jehova, ngi yakile futi indhlu yegama lika Jehova uTixo ka Israeli.
11Nompongolo ngi wu bekile pakati, kwayo, o pete isivumelwano sika Jehova, a senzileyo nabantwana baka Israeli.
12Wema ngapambi kwelati lika Jehova, e bukwa isixuku sonke sakwa Israeli, welula izandhla zake;
13uSolomona wa e yenzile indawo yokuma ngetusi, ubude bu ngamakubiti a isihlanu, nobubanzi futi, nokupakama ku ngamakubiti amatatu, wa i beka ngapakati kwendhlu, wema kuyo, wa guqa ngamadolo ngapambi kwaso sonke isixuku sa kwaIsraeli, welula izandhla zake ngasezulwini.
14Wa ti, O Jehova Tixo ka Israeli, ka i ko inkosi e njengawe, ezulwini nasemhlabeni; e londayo isivumelwano, nomusa ezincekwini zayo, ezi hamba ngapambi kwako ngezinhliziyo zonke zazo;
15Wena o ku londileyo loko o wa ku qinisela inceku yako uDavida ubaba; u kuluma ngomlomo wako, u gcwalisa ngesako isandhla, njenga loku ku njalo namuhla.
16Manjeke O Jehova Tixo ka Israeli, a ku be njalo loko o wa ku qinisela uDavida ubaba, u ti, A ka yi ku puta umuntu emehlweni ami o ya ku hlala esihlalweni sobukosi buka Israeli, ba qondeke abantwana bako, ukuhamba ngendhlela yomteto wami, njengokuhamba kwako ngapambi kwami;
17Manjeke O Jehova Tixo ka Israeli, ma li qiniseke izwi lako, o li kulumileyo kuyo inceku yako uDavida.
18Kodwa uTixo u ya kuhlala nempela nabantu emhlabeni na? bheka, izulu nezulu lamazulu li nge kwanele wena, kakulu kanjanike lendhlwana e ngi yakileyo na?
19Lalelake umtandazo wenceku yako, nokucela kwake, o Jehova Tixo wami, uku lalela ukukala, nomtandazo wenceku yako ngapambi kwako;
20Ukuba amehlo ako a vuleke pezu kwa lendhlu emini nasebusuku, kuyo indawo o tyileyo ukuba u ya kubeka igama lako kona; uku wu lalela umtandazo wenceku yako ngayo lendawo.
21Yizwake ukucela kwenceku yako, nabantwana bako abaIsraeli, ngokukalela kwabo lendawo; yizwa u sezulwini endaweni yako yokuhlala; nalapo u zwayo, yekela.
22Uma umuntu e nesono kumakelwane wake, a nikwe isifungo ukuba a funge ngaso, nesifungo leso si fika ngapambi kwako ku lendhlu;
23Yizwake wena u sezulwini, wenze, wahlulele izinceku zako, u hlupe ababi, u pindisele indhlela yake pezu kwekanda lake; wabele kahle olungileyo, u m nike njengokulunga kwake.
24Uma abantu bako abaIsraeli be hlulwa isita, ngokuba bonile nga kuwena; noko ba buye ba vume igama lako, ba tandaze ba kale ngapambi kwako ku lendhlu;
25U zweke wena o sezulwini, u yekele isono sabantu bako abaIsraeli, u ba buyisele futi ezweni o li nike bona noyise babo.
26Lapo ku valeka izulu, kungeko imvula, ngenxa yokona kwabo kuwena; noko uma be tandaza ku lendawo, be vuma igama lako, be penduka esonweni sabo, o wa u ba hlupe ngaso;
27Uzweke wena o sezulwini, u yekele isono sezinceku zako, nabantu bako abaIsraeli, lapo u su ba fundisile indhlela elungileyo, e nga be hamba ngayo, u tume imvula pezu kwezwe lako, oli nikileyo abantu bako li be ifa labo.
28Uma ku kona indhlala ezweni, nesikonyana, nezinhlupeko zonke; uma izita zabo zi ba vimbela emizini yezwe labo, noma ku hlutyekwa noma ku gulwa;
29Lapoke umtandazo nokucela oku ya kwenziwa umuntu, noma abantu bonke bako abaIsraeli, i lowo njalo e kwazi okwake ukuhlupeka, elule izandhla zake ku lendhlu;
30U zweke wena u sezulwini indawo yokuhlala kwako, u yekele, wabele ku lowo njalo njengezenzo zake zonke, o nhliziyo yake u ya yazi wena; (ngokuba izinhliziyo zabantwana babantu zaziwa nguwe wedwa.)
31Ukuze be sabe wena, ba hambe ngezindhlela zako, ngokupila konke kwabo ezweni o li nikileyo obaba betu.
32Futi isihambi o ku ngesiso sabantu bako abaIsraeli, o vela ezweni eli kude ngenxa yegama lako elikulu, nesandhla sako esinamandhla, nomkono wako o weluliweyo; uma be fika be tandaza ku lendhlu;
33U zweke wena u sezulwini, u sendaweni yokuhlala kwako, u menzele kona konke a ku bizayo kuwena, ukuze abantu bonke bomhlaba ba lazi igama lako, ba kwesabe wena, njengabantu bako abaIsraeli, bazi futi ukuba lendhlu e ngi yakileyo i bizwa ngegama lako.
34Uma abantu bako be puma ukulwa nezita zabo ngendhlela o ba tumayo ngayo, be ku tandazela kuwo lomuzi o wu ketileyo wena, nendhlu e ngi yakele igama lako;
35U zweke umtandazo nokukala kwabo, u sezulwini, u ba mele bona,
36Uma ba yona kuwena (ngokuba akako ongoniyo,) nawe u ba tukutelele, u ba nikele izita zabo, nabo ba ba yise be izigqili ezweni elikude, noma eli seduze;
37Noko uma be penduka kulelozwe aba yiswe kulo, ba buye ba kale kuwena be kulelozwe, be ti, Sonile, si pambukile, senzile ububi.
38Uma be pendukela wena ngenhliziyo yonke yabo, nangompefumulo wonke wabo kulelozwe lobugqili babo, a ba yiswe kulona, be kalela izwe labo, o li nikileyo oyise babo, nomuzi o ketwe nguwena, na kuyo indhlu e ngi yakele igama lako;
39U zweke wena u sezulwini, endaweni yokuhlala kwako, umtandazo wabo, nokukala kwabo, u ba mele, u ba yekele abantu bako aba konileyo.
40Manje, Nkosi yami, ngi ya kuleka, ma a vuleke amehlo ako, nezindhlebe zako ma zi wu zwe umtandazo owenziwayo ku lendawo.
41Manjeke kupukela endaweni yako yokupumula, O Jehova Tixo, wena, nompongolo wamandhla ako; abapristi bako ma ba gqokiswe ngensindiso, O Jehova Tixo, nabalungileyo bako ma ba jabule ngokulunga.
42O Jehova Tixo, u nga penduli ubuso bako kogcotyiweyo wako; kumbula umusa ka Davida inceku yako.