1NGAKOKE wonke umsebenzi owenziwa uSolomona endhlini ka Jehova wa pela; uSolomona wa ngenisa zonke izinto eza nikwa uDavida uyise; nesiliva, negolide, nayo yonke impahla, wa i beka kanye namagugu endhlu ka Tixo.
2Wa ti uSolomona wa butela eJerusalema zonke izikulu zakwa Israeli, namakanda onke ezizwe, nomkulu wa oyise babantwana baka Israeli, ukukupula umpongolo wesivumelwano sika Jehova, be wu susa emzini ka Davida, o seZioni.
3Ngako onke amadoda akwa Israeli a butana enkosini, ngesikati somhlabelo o senyangeni yesikombisa.
4Zonke izikulu za kwa Israeli zeza; nabaLevi ba twala umpongolo.
5Ba wu kupula umpongolo, netabanekele lesixuku, nezitya zonke ezi ingcwele eza zi kulo itabanekele, loko kwa kutyulwa abapristi nabaLevi.
6Futi inkosi uSolomona, naso sonke isixuku sakwa Israeli e sa si butene kuyena ngapambi kompongolo, ba hlaba izimvu nezinkabi, ezi nge balwe muntu ngobuningi.
7Nabapristi ba ngenisa umpongolo wesivumelwano sika Jehova endaweni yawo, engosini yendhlu, kuyo indawo e ingcwele kakulu, ngapansi kwamapiko amakerubimi;
8Ngokuba amakerubimi elula amapiko awo ngapezu kwendawo yompongolo, namakerubimi a wu sibekela umpongolo.
9Ba vula izindawana zompongolo, ukuze zi bonakale ngapakati kwendhlu, kodwa zi nga bonakali ngapandhle, ku njaloke na namuhla.
10Ngapakati kompongolo kwa ku kona amatebula amatye amabili, a bekwa uMosi pakati eHorebe, kupela, ngesikati sokwenza kuka Jehova isivumelwano nabantwana baka Israeli, lapo be pumayo Egipite.
11Kwa ti, se be pumile abapristi endaweni e ingcwele, ngokuba abapristi aba be kona ba be ngabagcotyiweyo be nga hlalelani;
12Futi abaLevi aba be ngabahlabeleli, bonke aba kwa Asafa, naba kwa Hemani, na ba kwa Jedutuni, namadodana abo, nabafo wabo, be gqoke indwangu emhlope, be pete izingubu, bema ngasempumalanga kwalo ilati ku kona kanye nabo abapristi aba ikulu namashumi amabili be beta amatilongo;
13Kwa ti, aba beta amatilongo, nabagwabayo, bezwakala kanye kanye ekukonzeni nasekubongeni uJehova; na lapo be vusa izwi labo ngamatilongo na ngezingubu, be dumisa uJehova, be ti, ngokuba u lungile yena; nomusa wake u ma njalo; indhluke ya gcwala ifu, indhlu leyo ka Jehova.
14Abapristi ba hluleka ukukuluma ngenxa yefu; ngokuba ubungcwele buka Jehova ba i gcwalisa indhlu ka Tixo.