1UREHOBOAMU e se fikile eJerusalema, wa buta amadoda a ketiweyo a izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isishiyagalombili kwa bendhlu ka Juda noBenjamini, amaqawe, ukuhlasela abaka Israeli, ukuze a wu buyisele futi umbuso kuRehoboamu.
2Kodwa izwi lika Jehova la fika kuShemaia umuntu ka Tixo, li ti.
3Kuluma kuRehoboamu indodana ka Solomona, inkosi ya kwa Juda, nakubo aba ka Israeli bonke nabakwa Juda noBenjamini, u ti,
4U tyo uJehova, a ni yi ku kupuka, ni hlasele abafo benu; buyelani nonke ezindhlini zenu; ngokuba loku kwenziwa imina. Nabo ba wa lalela amazwi ka Jehova, ba penduka ekuhlaseleni uJeroboamu.
5uRehoboamu wa hlala eJerusalema, waka imizi e izinqaba eJuda.
6Waka iBetlehema neEtamu, neTekoa,
7NeBetzuri, neShoko, neAdulamu,
8NeGati, neMaresha, neZifi,
9NeAdoraimi, neLakisha, neAzeka,
10NeZora, noAjaloni, neHebroni, imizi e seJuda naseBenjamini ebiyiweyo,
11Wa zi qinisa izinqaba, wa beka izinduna kona, nokudhla, namafuta newaini.
12Na komunye njalo umuzi wa beka izihlangu nemikonto, wa i qinisa kakulu, e melwa uJuda noBenjamini.
13Nabapristi namaLevi a kulo lonke izwe la kwa Israeli a fika kuye e puma kulo lonke izwe labo.
14AmaLevi a shiya imizi yawo, nemfuyo yawo, a fika eJuda neJerusalema; ngokuba uJeroboamu namadodana ake a ba yekisa emsebenzini wabo wabapristi kuJehova;
15Wa zi misela abapristi ezindaweni ezinkulu, na pezu kwamademoni, na pezu kwamankonyana a wenzileyo.
16Ngasemva kwabo, bona abanhliziyo zabo zi funa uJehova, uTixo wa kwa Israeli, ba puma ezizweni za kwaIsraeli, be za eJerusalema ukwenzela uJehova uTixo wa kwa Israeli umhlabelo.
17Ba wu qinisake umbuso ka Juda, benza uRehoboamu indodana ka Solomona a be namandhla, iminyaka emitatu; ba hamba ngendhlela ka Davida noSolomona, iminyaka emitatu.
18uRehoboamu wa zi tatela uMahalati indodakazi ka Jerimote indodana ka Davida i be umkake, noAbihaili indodakazi ka Eliabi indodana ka Jese;
19Ba m zalela abantwana; uJushi, noShamaria, noZahamu.
20Ngasemva kwake wa tata uMaka indodakazi ka Absalomu, wa m zalela uAbija, noAttai, noZiza, noShelomiti.
21uRehoboamu wa tanda uMaka indodakazi ka Absalomu pezu kwabo bonke abafazi bake nezincinza zake; (ngokuba wa tata abafazi aba ishumi nesishiyagalombili, nezincinza ezi ngamashumi a isitupa; wa zala amadodana a ngamashumi amabili nesishiyagalombili, namadodakazi a ngamashumi a isitupa.)
22uRehoboamu wa menza uAbija indodana ka Maka a be induna, a buse abafo wabo; ngokuba wa cabanga ukumenza inkosi.
23Wenza ngokuqonda, wa hlakaza abantwana bonke bake kuzo zonke izizwe zakwa Juda noBenjamini, emizini yonke ebiyiweyo; wa ba nika ukudhla okuningi. Wa fisa futi abafazi abaningi.