1UREHOBOAMU wa ya eShekemi ngokuba abaIsraeli bonke beza eShekemi ukumenza a be inkosi.
2Kwa ti lapo uJeroboamu indodana ka Nebati, o wa e sEgipite, lapo wa e balekele uSolomona kona, wa ku zwa loko, uJeroboamu wesuka wa puma Egipite.
3Ba tuma ba m biza. Ngako uJeroboamu nabaIsraeli bonke, ba fika ba kuluma kuRehoboamu, be ti,
4Uyihlo wa lenza ijokwe letu li be lukuni; manjeke si pumuze incozana emitwalweni ika yihlo, nejokwe lake eli lukuni a e li beke kitina, nati so ku konza wena.
5Wa ti yena kubona, Buyani ni fike kimina ngasemva kwezinsuku ezintatu. Ba hambake abantu.
6Inkosi uRehoboamu ya kulumake namadoda amadala a emi ngapambi kuka Solomona uyise e sa pila yena, e ti, Ni ngi siza nganike ngempendulo e ngi ya ku pendula laba bantu ngayo na?
7Ba kuluma kuyena, ba ti, Uma u ba nomusa kulaba bantu, u ba jabulise, u kuluma amazwi amahle kubona, ba ya kuba izinceku zako njalo njalo.
8Kodwa aka ba lalelanga abantu abadala, wa kuluma nezinsizwa eza kula kanye naye, e zema ngapambi kwake.
9Wa ti kubona, ni yi yalezani ninake impendulo kulaba bantu, aba kulumileyo kimina, be ti, yenza li be lula ijokwe ela bekwa pezu kwetu nguyihlo na?
10Izinsizwa eza kula naye za kuluma kuye za ti, u ya kubapendula, u ti, Ubaba wa lenza nzima ijokwe letu, kodwa lenzeni li be lula nina; u ya kuti kubona, Ucikicane wami u ya kuba mkulu ku nokalo luka baba.
11Ngokuba ubaba wa beka ijokwe elilukuni pezu kwenu, mina ngi ya kwandisela lona; ubaba wa ni tyaya ngezampokwe, kodwa mina ngo ni tyaya ngofezela.
12Ngako uJeroboamu nabantu bonke ba fika kuRehoboamu ngosuku lwesitatu, njengokutyo kwenkosi, i ti, fika futi kimina ngosuku lwesitatu.
13Inkosi ya ba pendula ka lukuni; nenkosi uRehoboamu a i lalelanga inkulumo yamadoda amadala.
14Wa ba pendula ngokuyaleza kwezinsizwa, wa ti, Ubaba wa lenza nzima ijoka lenu, kodwa mina ngi ya kwandisa ku loko; ubaba wa ni tyaya ngezampokwe, mina ngo ni tyaya ngofezela.
15Inkosike a i ba lalelanga abantu; ngokuba kwa ku ngokuka Tixo, ukuze uJehova a gcwalisele izwi lake, a li kulumileyo ngesandhla sika Ahija umShiloni kuJeroboamu indodana ka Nebati.
16Lapo abakwa Israeli bonke ba bona ukuba inkosi a i ba laleli ba i pendula, ba ti, Si nantoni kuDavida na? a si nalo ifa kuyo indodana ka Jese; i lowo endhlini yake, o Israeli; manjeke Davida, zi bhekele eyako indhlu. Ba hambake bonke aba kwa Israeli ezindhlini zabo.
17Kodwa uRehoboamu wa ba busa abantwana bakwa Israeli a ba be hlezi emizini ya seJuda.
18Inkosi uRehoboamu ya m tuma u Hadoramu o wa e ngumpati wefa; na bakwaIsraeli ba m gxoba ngamatye, wa fa. Kodwa inkosi uRehoboamu ya ngena masinyane encweleni yayo, ya balekela eJerusalema.
19Aba ka Israeli ba pambana nendhlu ka Davida, ku ze ku be namhla nje.