1UHANA wa kuleka, wa ti, Inhliziyo yami i ya tokoza, upondo lwami lu pakeme kuJehova; umlomo wami u banzi pezu kwezita zami, ngokuba ngi jabula ngokusindisa kwako.
2Amuko o ingcwele njengoJehova, ngokuba akuko namunye ngapandhle kwako, aliko netye eli njengoTixo wetu.
3Ni ngandisi ukukuluma ngokuzidhla okukulu, ku nga pumi ukuziqenya emlonyeni wenu; ngokuba uJehova unguTixo wokwazi, imisebenzi i linganiswa uye.
4Imicibityelo yamaqawe yapuliwe, kepa be kubeka ba binqiswe ngamandhla.
5Aba be suti ba sebenzela isinkwa, kepa aba be lambile ba peza ukusebenza; naye o wa e inyumba u zele aba isikombisa, kepa o nabantwana abaningi u se pela 'mandhla.
6uJehova u ya bulala, a pilise; u yehlisela eSheoli u yenyusa.
7uJehova u ya puca, u ya fuyisa; u ya tobisa, u ya pakamisa.
8U ya vusa ompofu otulini, u ya pakamisa odingayo ezaleni, a ba hlalise nezikulu, a ba nike isihlalo sobukosi; ngokuba izinsika zomhlaba zi e zika Jehova, wa beka umhlaba pezu kwazo.
9U ya kugcina izinyawo zabangcwele bake, kepa ababi ba ya kutula ebumnyameni; ngokuba umuntu ka yi kwahlula ngamandhla.
10Aba m pikayo uJehova ba ya kucobozeka; u ya kuduma ezulwini pezu kwabo uJehova u ya kwahlula imikaulo yezwe, a nike inkosi amandhla, a pakamise upondo logcotyiweyo wake.
11uElkana wesuka wa ya eRama ekaya lake. Umntwana wa konza uJehova pambi kuka Eli umpristi.
12Amadodana ka Eli a e ngabantu ababi; ba be nga mazi uJehova.
13Ngomteto wabapristi kubantu nxa umuntu e nikela umhlatyelo, inceku yompristi ya i za, inyama i sa pekwa, i pete imfoloko e namazinyo amatatu.
14I hlabe ngayo esocweni, nokuba embizeni, nokuba ekanzini, nokuba ebodweni; konke e ku kipayo imfoloko, a ku tabate umpristi ku be okwake. Benze njalo eShilo kubo bonke abaIsraeli a ba beza kona.
15Ku nga ka tyiswa amanoni, ya i za inceku yompristi, i ti kumuntu o hlabayo, Leta inyama yokoselwa umpristi; ngokuba ka yi kutabata kuwe inyama epekiweyo, kodwa eluhlaza.
16Uma lowomuntu e ti kuyo, Impela ba ya kutyisa amanoni kaloku, kona u nga tabati njengokutanda kwako, ya i ti, Ai, wo ngi nika yona manje; uma u nga ngi niki, ngi ya ku yi tabata ngamandhla.
17Kwa njalo isono sezinsizwa sa si sikulu kakulu pambi kuka Jehova; ngokuba abantu ba be nengwa umnikelo kaJehova.
18uSamueli wa konza pambi kuka Jehova, e se umntwana, e bincile iefodi lebadi.
19Unina wa m enzela ibantyi elincinyane ituniki wa li yisa kuye iminyaka ngeminyaka, e senyuka nomyeni wake ukuya kunikela umhlatyelo weminyaka ngeminyaka.
20uEli wa busisa uElkana nomkake, wa ti, uJehova a ku nike ngalomfazi inzalo ngesipo a piwa sona uJehova. Ba goduka.
21uJehova wa kumbula uHana, wa kulelwa, wa zala amadodana amatatu namantombazana amabili, umntwana uSamueli wa kula pambi kuka Jehova.
22uEli wa e semdala kakulu, wezwa konke a kwenzayo amadodana ake kubo bonke abaIsraeli, nokuti a e lala nabesifazana aba be konza emnyango wetente wokuhlangana.
23Wa ti kuwo, Nenzelani okunje? ngokuba ngi zwa imisebenzi yenu emibi ku lababantu bonke.
24Ai, madodana ami; a ku siyo indaba elungileyo e ngi yi zwayo; ni ya benza abantu baka Jehova bone.
25Nxa umuntu ona umuntu uTixo u ya kumahlula; kepa nxa umuntu ona kuJehova u ya kumelwa ubani na? Kodwa abalalelanga izwi lika yise, ngokuba kwa ku intando ka Jehova ukuba a ba bulale.
26Umntwana uSamueli wa kula wa muhle kuJehova nakubantu.
27Kwa fika umuntu ka Tixo kuEli, wa ti kuye, U tyo uJehova, u ti, Impela nga bonakala ini endhlini ka yihlo, be se kona Egipite, emzini ka Faro na?
28Nga m keta kuzo zonke izizwe za kwaIsraeli, a be umpristi wami, a nikele elatini lami, a tyise impepo, a fake iefodi pambi kwami, nga i nika indhlu ka yihlo iminikelo yokutyiswa yabaka Israeli.
29Ni nyatelelani umhlatyelo wami, nomnikelo wami, e ngi yi yalile endhlini yami, u tuse amadodana ako kunami, ni zikulupalise ngobuhle beminikelo yonke yabaIsraeli abantu bami.
30Ngako u tyo uJehova uTixo kaIsraeli, u ti, Nga tyo impela nga ti, Indhlu yako, nendhlu ka yihlo yo hamba pambi kwami njalonjalo; kepa kaloku u tyo uJehova, u ti, Qa; ngokuba aba ngi tusayo, ngi ya kubatusa; aba ngi delelayo ba ya kweyiswa.
31Bheka, zi yeza izinsuku e ngi ya kunquma ngazo ingalo yako, nengalo yendhlu ka yihlo, ku nga bi ko ixegu enhlini yako.
32U ya kubona ukuhlupeka kwendhlu kuko konke okwenza okuhle kwa Israeli; a ku yi kubako ixegu endhlini yako ku ze ku be nini.
33Kepa a ngi yi kukunqumela bonke elatini lami, ukuba amehlo ako a qedwe, umpefumlo wako u pele amandhla; bonke abenzalo yako ba ya kufa be se amadoda.
34Loku ku ya kuba isiboniso kuwe; oku ya kwehlela amadodana ako amabili, uHofni noFinehasi; ba ya kufa bobabili ngosuku lunye.
35Ngi ya kuzivusela umpristi oqinisileyo, o za kwenza okwenhliziyo yami nokompefumlo wami; ngi ya kumakela indhlu eqinisileyo; u ya kuhamba pambi kogcotyiweyo wami izinsuku zonke.
36Ku za kuti lowo oseleyo endhlini yako u ya kuza, a kuleke kuye imalana nesinkwana, a ti, A ke u ngi gcobe ngi be umpristi, ukuba ngi dhle ucezwana lwesikwa.