1KWA ku kona umuntu wa seRamataimzofini, entabeni iEfraimi, igama lake la li nguElkana, indodana ka Jerohamu, indodana ka Elihu, indodana ka Tohu, indodana ka Zufi e ngowakwa Efraimi.
2Wa e nabafazi ababili; igama lomunye la li nguHana, igama lomunye la li nguPenina; uPenina wa e nabantwana, kepa uHana wa e nge nabantwana.
3Lowomuntu wa puma emzini wake wenyuka iminyaka ngeminyaka ukuba a kuleke a hlabele uJehova wemikosi eShilo. Amadodana omabili ka Eli, uHofni noFinehasi, a e kona e ngabapristi baka Jehova.
4Kwa ti, ngosuku a hlaba ngalo uElkana, wa nika uPenina umkake, namadodana onke ake, namantombazana ake izabelo;
5Kepa wa m nika uHana isabelo sa pindwa kabili, ngokuba wa m tanda uHana, kodwa uJehova wa e si valile isisu sake.
6Isita sake sa m cunula nokumcunula ukuba a m tukutelise, ngokuba uJehova wa e si valile isisu sake.
7Kwa ba njalo iminyaka ngeminyaka; nxa e nyukela endhlini ka Jehova wa m cunula kanjalo, ngako wa kala, e nga dhli luto.
8uElkana umyeni wake wa se e ti kuye, Hana, u kalelani? a u dhli ngani na? inhliziyo yako i dabukeleni na? a ngi wa dhluli ini amadodana a ishumi kuwe na?
9uHana wesuka, e se dhlile eShilo, e se puzile. uEli umpristi wa e hlezi esihlalweni, ngasempundwini yetempeli lika Jehova.
10Wa e dabukile emoyeni, wa kuleka kuJehova wa kala nokukala.
11Wa funga isifungo, wa ti, Jehova wemikosi, uma u bheka ukuhlupeka kwencekukazi yako, u ngi kumbule, u nga kohlwa incekukazi yako, u nike incekukazi yako umntwana wesilisa, ngi ya kumnika uJehova a be owake izinsuku zonke zokupila kwake, impuco a i yi kubekwa ekanda lake.
12Kwa ti, e senezelela ukukuleka kwake kuJehova, uEli wa bheka umlomo wake.
13uHana wa kuluma enhliziyweni yake, umlomo wake wa zamazama kodwa, izwi lake a li zwakalanga; uEli wa ti u dakiwe.
14uEli wa ti kuye, U ya kudakwa ku ze ku be nini na? susa iwaini lako kuwe.
15uHana wa pendula wa ti, Ai, nkosi yami, ngi umfazi womoya o dabukileyo; a ngi puzanga iwaini notywala; nga tulula umpefumlo wami pambi kuka Jehova.
16Musa ukulinganisa incekukazi yako nomfazi omubi; ngokuba ngobuningi bokuhlupeka kwami nomunyu wami ngi kulumile ku ze ku be manje.
17uEli wa pendula wa ti kuye; Hamba kahle; uTixo ka Israeli a ku nike loko o ku kulekileyo kuye.
18Wa ti kuye, Incekukazi yako ma i tole umusa emehlweni ako. Wa se e suka lowomfazi, wa hamba, wa dhla; ubuso bake a ba be bu sa nyukumala.
19Ba vuka kusasa, ba kuleka pambi kuka Jehova, ba buya ba ya ekaya labo eRama, uElkana wa mazi uHana umkake; uJehova wa m kumbula.
20Kwa ti, se zi pelele izinsuku, uHana wa kulelwa, wa zala indodana, wa qamba igama layo uSamueli. Ngokuba wa ti, Nga m cela kuJehova.
21Wenyuka lowomuntu, uElkana, nendhlu yonke yake, ukuya kunikela kuJehova umnikelo weminyaka ngeminyaka, nesifungo sake.
22Kepa uHana kenyukanga; ngokuba wa ti kumyeni wake, Ngi ya kuhlala a ze a lunyulwe umntwana, kona ngi ya kumyisa, ukuba a bonakale pambi kuka Jehova, a hlale kona njalonjalo.
23uElkana umyeni wake wa ti kuye, Yenza okuhle emehlweni ako; hlala u ze u m lumule; kepa uJehova ma qinise izwi lake. Kwa njalo wa hlala umfazi, wa i ncelisa indodana yake wa za wa i lumula.
24E se m lumulile, wenyuka naye, namatole amatatu, neefa lempupu, negaba lewaini, wa m yisa endhlini ka Jehova, eShilo; umntwana wa e se mncane.
25Ba hlaba itole, ba m yisa umntwana kuEli.
26Wa ti, E nkosi yami, ukupila kompefumlo wako, nkosi yami, ngi umfazi o wema kuwe lapa, e kuleka kuJehova.
27Nga kuleka lomntwana; uJehova wa ngi nika e nga ku cela kuye.
28Ngako nami ngi m nikile kuJehova; izinsuku zonke zokupila kwake u nikiwe kuJehova. Wa bonga uJehova kona.