1USAMUELI wa ti kubo bonke abaIsraeli, Bhekani, ngi lalele izwi lenu ngako konke eni ku tyoyo kimi, ngi bekile inkosi pezu kwenu.
2Manje, bhekani, inkosi i ya kuhamba pambi kwenu; mina ngi mdala, ngi impunga; amadodana ami, bhekani, a kini; ngi hambile pambi kwenu iloku nga zalwayo ku ze ku be namhla.
3Bhekani, ngi lapa. Fakazani ngami pambi kuka Jehova, na pambi kogcotyiweyo wake; ngi tate inkabi ka bani? ngi tate imbongolo ka bani? ngi dhle ubani? ngamkele intengo esandhleni sika bani, ukuba ngambese amehlo ami ngayo? ngi ya kukubuyisela kini.
4Ba ti, A u si kohlisanga, a u si hlupanga, a wamukelanga uto esandhleni somuntu.
5Wa ti kubo, uJehova u ufakazi kini, nogcotyiweyo wake u ufakazi namhla wokuti, a ni tolanga uto esandhleni sami. Ba ti, U ufakazi.
6uSamueli wa ti kubantu uJehova owa beka uMosi noAroni, nowa kipa oyihlo ezweni la seEgipite.
7Kaloku, yimani, ngi ya kukupukisana nani pambi kuka Jehova ngokulunga konke kuka Jehova, a kwenzileyo kini na koyihlo.
8Lapo uJakobe wa fika Egipite, oyihlo ba kala kuJehova, kona uJehova wa tuma uMosi noAroni, ba kipa oyihlo Egipite, ba ba hlalisa ku lendawo.
9Ba kohlwa uJehova uTixo wabo, wa tengisa ngabo esandhleni sika Sisera, induna yempi ka Hazori, na sesandhleni samaFilisti, na sesandhleni senkosi ka Moabi, ba lwa nabo.
10Ba kala kuJehova, ba ti, Sonile ngokuba si m shiyile uJehova, sa konza uBali noAstarote; kodwa kaloku si kulule esandhleni sezita zetu, si ya kukukonza.
11uJehova wa tuma uJerubali, noBedani, noJefta, noSamueli, wa ni kulula esandhleni sezita zenu inxa zonke, na hlala kahle.
12Kepa lapo se ni bonile uNahashi inkosi yabaka Amoni e za kini, na ti kimi, Qa, kepa inkosi i ya kubusa pezu kwetu, inganti uJehova wa e inkosi yenu.
13Nansike inkosi eni i ketileyo, eni i celayo; bhekani, uJehova u bekile inkosi pezu kwenu.
14Uma ni m esaba uJehova, ni m konze, ni lalele izwi lake, ni nga hlubuki emtetweni ka Jehova; uma nina nenkosi yenu e busa pezu kwenu ni landela uJehova uTixo wenu, kuhle.
15Kodwa uma ni nga laleli izwi, uma ni hlubuka umteto ka Jehova, isandhla sika Jehova si ya kuba kini, njengaloku sa si kona koyihlo.
16Yimanike, ni bone lento enkulu, a ya kuyenza uJehova pambi kwamehlo enu.
17A ku siso isikati sokuvuna ukolweni namhla na? Ngi ya kukuleka kuJehova, u ya kutuma ukuduma nemvula, ukuba nazi, ni bone ukuti ukona kwenu kukulu eni kwenzileyo emehlweni ka Jehova ngokucela inkosi.
18uSamueli wa kuleka kuJehova; uJehova wa tuma ukuduma nemvula ngalolosuku; abantu bonke ba m esaba uJehova noSamueli kakulu.
19Abantu bonke ba ti kuSamueli, Zi kulekele izinceku zako kuJehova uTixo wako ukuba zi nga fi; ngokuba senezelele lobububi kuzo zonke izono zetu ngokuzicelela inkosi.
20uSamueli wa ti kubantu, Ni ngesabi. Nenzile lokukona konke; kepa ni nga pambuki ekumlandeleni uJehova; m konzeni uJehova ngenhliziyo yonke.
21Ni nga pambukeli ezintweni ezi ize, ezi nge nakusiza, ezi nge nakukulula, ngokuba zi ize.
22Ngokuba uJehova ka yi kushiya abantu bake ngenxa yegama lake elikulu; ngokuba kwa ku kuhle kuJehova ukuba a nenze ni be abantu bake.
23Nami ngi ngone kuJehova ngokuyeka ukunikulekela; kepa ngi ya kunifundisa indhlela elungileyo neqondileyo.
24Kodwa yesabani uJehova, ni m konze ngeqiniso ngenhliziyo yonke; ngokuba, bhekani, okukulu a nenzile kona.
25Kepa uma nenza ukona ni ya kubujiswa, nina nenkosi yenu.