1UNAHASHI wa kwaAmoni wenyuka, wa misa eJabesh-Giladi; abantu bonke ba seJabeshi ba ti kuNahashi, Yenza isivumelwano nati, si ya kukukonza.
2uNahashi wa kwa Amoni wa ti kubo, Ngaloku ngi ya kwenza isivumelwano nani, kokuti a ngi kipe amehlo onke enu okunene, ngi ku beke ku be ihlazo kuso sonke isizwe sika Israeli.
3Amalunga a seJabeshi a ti kuye, Si yeke izinsuku ezi isikombisa, ukuba si tume izigijimi ezweni lonke lakwa Israeli, uma ku nge ko muntu wokusisindisa si ya kupumela kuwe.
4Izigijimi za fika eGibea kwaSauli za wa landa lawamazwi ezindhlebeni zabantu; abantu bonke ba dazuluka, ba kala.
5Bheka, uSauli wa e landela izinkabi, e vela ensimini. uSauli wa ti, Abantu ba nani, ba kalelani? Ba m landisa amazwi abantu ba seJabeshi.
6Umoya ka Tixo wa m ehlela uSauli e se zwile lawamazwi, wa tukutela kakulu.
7Wa tabata izinkabi ezimbili, wa zi hlahlela, wa zi tuma ezweni lonke lika Israeli ngesandhla sezigijimi, e ti, Lowo o nga landeli uSauli noSamueli, ku ya kwenziwa njalo ezinkabini zake. Abantu behlelwa uvalo ngaye uJehova, ba puma kungati ba muntu munye.
8Wa ba bala eBezeki, abaka Israeli ba be izinkulungwane ezimakulu amatatu, abantu ba kwa Juda ba be izinkulungwane ezimashumi matatu.
9Ba ti kuzo izigijimi eza fikayo, A no tyo kubantu ba seJabesh-Giladi, ni ti, Ngomuso ngesikati sokubalela kwelanga ni ya kuba nokusindiswa. Izigijimi za fika za ba tyela abantu ba seJabeshi, ba tokoza.
10Abantu ba seJabeshi ba ti, Ngomuso si ya kupumela kini, ni ngenza kitina konke okuhle ngokubona kwenu.
11Kwa ti ngangomso uSauli wa nquma abantu ba ba izigaba ezitatu; ba fika pakati kwempi ngomlindo wakusasa ba bulala amaAmoni la za la balela; kwa ti abaseleyo ba hlakazeka, be nga hambi ababili ndawonye.
12Abantu ba ti kuSamueli, Ubani owa ti, uSauli u ya kuba inkosi yetu na? ba leteni lapa labobantu, ukuba si ba bulale.
13uSauli wa ti a ku yi kubulawa muntu ngalolosuku; ngokuba namhla uJehova wenzile ukusindiswa kwa Israeli.
14uSamueli wa ti kubantu, Wozani, a si ye eGilgali, si vuse umbuso kona.
15Abantu bonke ba ya eGilgali, ba m enza uSauli inkosi kona pambi kuka Jehova eGilgali, ba hlaba imihlatyelo yokutula kona pambi kuka Jehova, uSauli wa jabula kona, nabantu bonke ba kwaIsraeli, kakulu.