1KU njalo nani, bafazi, lalelani amadoda enu, ukuze ku ti, uma e kona o nga kolwayo izwi, a zuzwe ngokuhamba kwabafazi bawo ngapandhle kwezwi;
2E bona ukuhamba kwenu okulungileyo, ni nokwesaba.
3Ukuhloba kwenu a ku nga bi okungapandhle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, nokokugqoka izingubo;
4Kodwa a ku be umuntu ositekileyo wenhliziyo; ukuhloba ngokungagugiyo, okomoya omnene otambileyo; loku kuhle kakulu kuTixo.
5Ba hloba ngokunjalo abafazi abangcwele ba sendulo, aba m etembayo uTixo, be lalela amadoda abo;
6(NjengoSara wa lalela uAbrahama, e m biza e ti inkosi, eni ngabantwana;) benza okulungileyo, be ngesabi okwesabekayo
7Ku njalo nani, madoda, hlalani nabo ngokufanele ukwazi, ni m nike umfazi udumo, loku e isitya esibutakataka, loku ni izindhlalifa kanye naye zokupila okupiweyo; ukuze ukukuleka kwenu ku nga bi ize.
8(Ukupela, a ni benhliziyonye nina nonke, ni haukelane, ni tandane ngokwabazalwane, ni be nobubele, ni tobe,
9Ni nga pindisi okubi ngokubi, nenhlamba ngenhlamba; kepa a ni busise;) ni yazi ni bizelwe loku, ukuze ni dhle ifa lokubusiswa.
10Ngokuba yena o nenhliziyo yokutanda ukupila nokubona izinsuku ezinhle, a ka tulise ulimi lwake kuko okubi, nezindebe zake, zi nga kulumi inkohliso;
11A dede ekoneni, a kwenze okulungileyo, a funisise ukutula, a ku kutazele.
12Ngokuba amehlo eNkosi a pezu kwabalungileyo, izindhlebe zayo zi sekukulekeni kwabo, ubuso beNkosi bu pezu kwabakwenzayo okubi.
13Kepa ubani o ya kunenza kabi uma ni kutazela okulungileyo na?
14Kodwa uma ni hlupeka ngenxa yokulunga kwenu, ni busiswe; ni ngesabi ukwesabisa kwabo, ni nga katazeki;
15Kepa ni hlonipe iNkosi uTixo ngezinhliziyo zenu; ni hlale ni be nokubapendula bonke aba ni buzayo isamba sokwetemba kwenu, ni tobe nesabe;
16Ni be nenhliziyo elungileyo, ukuze, nxa be ni hleba kungati ni ngababi, ba jabe aba ni cebayo ukuhamba okulungileyo kwenu oku kuKristu.
17Uma ku intando ka Tixo, kuhle ukuba ni hlupeke ngokwenza okulungileyo, ku nokuba ni hlupeke ngokwenza okubi.
18Ngokuba naye uKristu wa hlupeka kanye ngezono; olungileyo wa hlupekela abangalungile; ukuba a si yise kuTixo, wa bulawa enyameni, wa piliswa emoyeni,
19A hamba ngaye wa ba shumayeza omoya aba sekubotyweni;
20Aba kade be nga lalelanga, lapo kwa ku hlalele ukubekezela kuka Tixo ngesikati sika Noa, u sakiwa umkumbi, aba sindiswa kuwo aba incozana, ukuti abashiyagalombili ngamanzi.
21Esi sindiswa lwo manje ngokulinganisa, ngi tyo ukubapatizwa, (a ngi tyo ukususa insila yenyama, ngi tyo ukuvuma kwenhliziyo elungileyo kuTixo,) ngokuvuka kuka Jesu Kristu.
22O se yile ezulwini, u kona ngakwesokunene sika Tixo; se ku pansi kwake izingelosi, namakosi, nababusi.