1LOKU uKristu wa si hlupekela tina enyameni, hlomani wona lowo umoya; (ngokuba yena o hlupekile enyameni u yekile ukona;)
2Ni nga be ni sa hamba isikati esiseleyo enyameni ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando ka Tixo.
3Ngokuba isikati esihlulileyo sokupila kwetu si sanele, nga si fezile intando yabezizwe, lapo sa si hamba ekonakaleni na sezinkanukweni, na sewainini, na semsindweni, na setywaleni, na sekukonzeni izitombe okubi;
4Ba mangala ngokuba ni nga gijimeli nabo ku lowo umsindo omkulu wabo, be ni tuka;
5Ba ya kumlandisa yena o lungele ukubahlulela aba kona naba nga seko.
6Ngokuba ivangeli la shunyayelwa na kwabafileyo ngaloku, ukuba bahlulelwe ngokwabantu enyameni, ba pile ngokuka Tixo emoyeni.
7Kepa ukupela kwako konke ku sondele; ngako qondani, ni linde ni ze ni kuleke.
8Kodwa ku nako konke a ni tandisisane; ngokuba utando lu ya kusibekela izono eziningi.
9Patanani kahle ekungeniseni, ni nga ncityani;
10Ni konzane njengaloku ilowo wamkeliswe isipo, njengezikonzi ezilungileyo zezipo ngezipo zika Tixo.
11Uma umuntu e shumayela, ka shumayele njengamazwi ka Tixo; uma umuntu e konza, ka konze ku be njengamandhla a wa piweyo uTixo ukuze uTixo a dunyiswe kuko konke, ngaye uJesu Kristu, o nodumo nobukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
12Batandekayo, ni nga mangali ngomlilo ozayo kinina wokunilinga, ngokungati nehlelwa into e ngaziwayo;
13Kodwa jabulani njengaloku ni hlanganyela izinhlupeko naye uKristu, ukuze, ekubonakaleni kobukosi bake, ni jabule nokujabula.
14Uma ni tukwa ngegama lika Kristu, ni busisiwe; ngokuba uMoya wobukosi noka Tixo e hlezi pezu kwenu; kubona u ya tukwa, kepa kinina u ya bongwa.
15Kepa a ku nga bi ko muntu kinina ohlupekayo engumbulali, nesela, nowenza okubi, nohlolayo okwabanye abantu.
16Kodwa uma umuntu e hlupeka e umKristu, ka nga bi namahloni; a ka m bonge uTixo nga loko.
17Ngokuba se ku isikati sokuba ukwahlula ku qale endhlini ka Tixo; kepa uma ku qala kitina ko ba ini ukupela kwabangalaleli ivangeli lika Tixo na?
18Uma o lungileyo e sindiswa ngokulukuni, wo bonakalapi ongakonziyo uTixo nowonayo na?
19Ngako abahlupekayo ngokwentando ka Tixo, benza okulungileyo, aba nike imipefumlo yabo kuTixo, o nguMenzi otembekayo.