1KWA ti, uSolomona lapo e se qedile ukwaka indhlu ka Jehova, kanye nendhlu yenkosi, nako konke uSolomona a be fisa ukukwenza,
2uJehova wa bonakala kuSolomona okwesibili, njengokuba a be bonakele kuye eGibeoni.
3uJehova wa ti kuye, Ngi zwile umtandazo wako nokukuleka kwako pambi kwami; ngenzile i be ngcwele lendhlu, o yakileyo, ukubeka kona igama lami ku ze ku be pakade namehlo ami nenhliziyo yami i ya kuba kona njalo.
4Uma u hamba pambi kwami, njengokuhamba kuka Davida uyihlo, ngenhliziyo elungileko, na ngokufanele, wenze konke engi ku yala ngako u gcine imiyalo yami; nezimiso zami.
5Ngi ya kuqinisa isihlalo sobukosi sombuso wako kwa Israeli ku ze ku be pakade, njengokutembisa kwami kuDavida uyihlo, nga ti, A ku yi kusweleka muntu esihlalweni sobukosi kwa Israeli.
6Kepa uma ni yeka ukungilandela, nina nabantwana benu, ni nga gcini izimemezelo zami nemiyalo yami engi yi bekileyo pambi kwenu, kepa ni hambe ni dumise izitixo ezinye, ni zi konze.
7Ngi ya kucita aba Israeli ezweni engi ba nikile lona, nendhlu le engi yi hlukanisele igama lami, ngi ya kuyilahla nga sebusweni bami; abaIsraeli ba ya kuba into yokuhlekwa nezwi lokuqanga aba sezizweni zonke.
8Ku lendhlu, epakamileyo kangaka, bonke abadhlulayo kuyo ba ya kumangala, ba hleke usulu, ba ya kuti, uJehova wenzelani okunjalo ku lelizwe, na ku lendhlu na?
9Ku ya kutiwa, Ngokuba ba m shiya uJehova uTixo wabo, yena owa pumisa oyise babo ezweni la sEgipite, ba bambelele kuzo izitixo ezinye, ba zi dumisile, ba zi konzile; ngako uJehova u zisile pezu kwabo bonke lobububi.
10Kwa ti ekupeleni kweminyaka e ngamashumi amabili, lapo uSolomona e be se zakile izindhlu ezimbili, ukuti indhlu ka Jehova, futi nendhlu yenkosi,
11(uHiramu inkosi ya seTire, wa be e m sizile uSolomona ngemiti yesedare na ngemiti yefire, na ngegolide, njengokutanda konke kwake,) inkosi uSolomona ya mu pa uHiramu imizi e ngamashumi amabili ezweni la seGalile.
12uHiramu wa puma eTire ukuyibona lemizi a yi piweyo uSolomona; ya i nga m tokozisi.
13Wa ti, Imizi mini le o ngi nikileyo, mfo wetu? Wa yi qamba ngokuti izwe la seKabuli ku ze ku be ngamhlanje.
14uHiramu wa tuma enkosini amatalenta egolide a ikulu namashumi amabili.
15Kwa ku ngaloko ukuba uSolomona wenza izibalo kubantu; ngokuba e be za kwaka indhlu ka Jehova, nendhlu yake, kanye neMilo, notango lwa seJerusalema, neHazo, neMegido, neGazeri.
16uFaro inkosi ya sEgipite u be kupukile, wa li tata iGazeri, wa li tyisa ngomlilo, wa bulala amaKanani ahleziyo ku lomuzi, wa li nika umka Solomona, indodakazi yake.
17uSolomona waka iGazeri, neBeti-horoni ngasenzansi;
18NeBalati, neTadmo nga sehlane, ezweni,
19Nemizi yonke yokubekela a nayo uSolomona, nemizi yezinqola zake, nemizi yamahashi okukwela, nako konke uSolomona a be tanda ukukwaka kona eJerusalema, na seLebanoni, na sezweni lonke ela buswa uye.
20Abantu bonke abaseleyo kuwo amaAmori, nabaHiti, namaPerizi, namaHivi, namaJebusi, laba aba nge sibo abantwana baka Israeli,
21Abantwana ba laba abaseleyo ku lelozwe, abantwana bakaIsraeli ba be nge namandhla ukubaqeda ba ti nya, kulaba uSolomona wenza izibalo zokusebenza ku ze ku be namhlanje.
22Kodwa kubantwana baka Israeli za zi nge ko izibalo, bona ba be amabuto ake, nezinceku zake, namakunzana ake, nezinduna zake, nababusi bezinqola zake, nabakweli bamahashi ake.
23Laba ba be aba izikulu zezinduna eza miselwa imisebenzi ka Solomona, ba ngamakulu a isihlanu namashumi amahlanu abalindayo abantu aba izisebenzi.
24Indodakazi ka Solomona ya kupuka emuzini ka Davida yeza endhlini yayo uSolomona e be yakele yona; nga lesosikati wa laka iMilo.
25Katatu ngomnyaka uSolomona wa nikela iminikelo yokutya neminikelo yokutula elatini, a be lakele uJehova, wa tyisa impepo elatini pambi kuka Jehova. Kanjalo wa yi qeda indhlu.
26uSolomona inkosi wenza imikumbi eZion-gaba, eli nga seEloti, osebeni lolwandhle olubomvu, ezweni la seEdomi.
27uHiramu wa tuma izinceku zake emikunjini leyo, amadoda emikumbi, a be lwaziyo ulwandhle, kanye nezinceku zika Solomona.
28Beza eOfire, ba leta ngakona igolide, amatalenta a ngamakulu amane namashumi amabili, ba li leta kuyo inkosi uSolomona.