1BA zisa umpongolo kaTixo ba u beka etenteni elawakelwayo uDavida, ba nikela iminikelo yokutya neminikelo yokubonga pambi kukaTixo.
2Se e qedile uDavida ukunikela iminikelo yokutya neminikelo yokutula wa ba busisa abantu egameni lika Jehova.
3Wabela ngamunye njalo kwa ba kwaIsraeli isilisa nesifazana, kwaba ilowo isinkwa sa ba sinye kubo bonke, nesicubi esikulu senyama, nesitya sewaini.
4Wa misela abaLevi ukukonza pambi kompongolo ka Jehova, ukuba ba kumbule, ba bonge, ba dumise uJehova uTixo ka Israeli.
5uAsafa omkulu, omlandelayo uZekaria, uJeieli, uShemiramote, uJehieli, uMatitia, uEliabi, uBenaia, uObededomi, no Jeieli be pete izinto zokuvuma kepa uAsafa wa tyaya imiqangi.
6uBenaia noJahazieli abapristi be namatilongo ukuba ba tyaye njalo pambi kompongolo wesivumelwano sika Tixo.
7Ngalolosuku uDavida wa qalisa kona umsebenzi wokubonga uJehova, ngaye uAsafa nabazalwane bake.
8Bonganini uJehova, bizani igama lake, zizwiseni izizwe ngemisebenzi yake.
9Vumani kuye, hlabelelani kuye isihlabelelo, qondani izenzo zake zonke ezimangalisayo.
10Zijabuliseni ngegama elingcwele lake, ma i tokoze inhliziyo yabo aba m funayo uJehova.
11Funani uJehova, namandhla ake, ni fune ubuso bake njalo.
12Kumbulani izimangaliso zake a zenzileyo, izibonakaliso zake nokwahlula komlomo wake.
13Nina nzalo ka Israeli, inceku yake, nina madodana ka Jakobe oketiweyo wake.
14Yena uJehova u uTixo wetu, ukwahlula kwake ku semhlabeni wonke.
15Kumbulani isivumelwano sake ku ze ku be pakade, izwi a li yaleza ku ze ku be izizukulwana ezi inkulungwane.
16A senza kuAbrahama, nesifungo sake kuIsaka.
17Wa si misela uJakobe si be umteto, noIsraeli si be isivumelwano esipakade.
18E ti, Ngi ya kukunika izwe la seKanani li be isabelo sefa lenu.
19Lapo ni se ingcozana nje, ni se izihambi kulo futi.
20Na lapo ba puma esizweni ba ye kwesinye isizwe, na sembusweni ba ye kwabanye abantu.
21Wa e nga vumeli umuntu ukubakataza wa lungisa amakosi ngenxa yabo.
22E ti, ni nga pati abagcotyiweyo bami, ni ngoni abazisi bami.
23Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke; ni shumayele ukusindisa kwake imihla ngemihla.
24Tyelani udumo lwake ezizweni, nemimangaliso yake pakati kwabantu bonke.
25Ngokuba uJehova mkulu u fanele ukudunyiswa kakulu; yena nga e satywa pezu kotixo bonke.
26Ngokuba bonke otixo bezizwe ba ize, kepa uJehova wenza izulu.
27Ubukosi nokukazimula ku sebusweni bake; amandhla nokujabula ku sendaweni yake.
28Nikani kuJehova, nina mindeni yabantu, nikani kuJehova udumo namandhla.
29Nikani kuJehova udumo olu olwegama lake, ni lete umnikelo ni ze ebusweni bake, dumisani uJehova ebuhleni bobungcwele.
30Yesabani pambi kwake, mhlaba wonke; izwe li ya kuqiniswa ukuba li nga zamazami.
31A li tokoze izulu, nomhlaba ma u jabule, ma ku tyiwo pakati kwezizwe ukuti uJehova u ya busa.
32Ulwandhle ma lu hlokome nokugcwala kwalo, amasimu, a tokoze nako konke oku kuwo.
33Kona ku ya kuti imiti ya sehlatini i hlabelele, pambi kuka Jehova, ngokuba u yeza ukwahlula umhlaba.
34Bongani uJehova ngokuba u lungile, umusa wake u hlezi pakade.
35Ni ti si sindise Tixo wosindiso lwetu, u si butele ndawonye, u si kulule ezizweni, ukuba si bonge igama lako eli ingcwele, setabe ngodumo lwako.
36A busiswe uJehova uTixo ka Israeli ku ze ku be pakade na pakade; nabantu bonke ba ti, Ameni ba dumise uJehova.
37Wa shiya lapo pambi kompongolo wesivumelwano sika Jehova, uAsafa nabazalwane bake ukukonza pambi kompongolo njalo, benze umsebenzi wemihla ngemihla.
38NoObededomi nabazalwane babo aba amashumi a isitupa nesishiyagalombili, uObededomi indodana ka Jedutuni noHosa ba be abalindi bamasango.
39NoZadoki umpristi nabazalwane bake abapristi pambi kwetabanekele lika Jehova endaweni e pakamileyo e ya i seGibeoni.
40Ukuba ba nikele iminikelo yokutya kuJehova elatini leminikelo yokutya njalo kusasa na kusihlwa nokwenza njengako konke okulotyiweyo emtetweni ka Jehova a wu yalela uIsraeli;
41Kanye nabo oHemani noJedutuni nabanye abaketiweyo aba tyiwo ngamagama, ukuba ba bonge kuJehova ngokuba umusa wake u pakade.
42Kanye naboke oHemani noJedutuni bona aba be namatilongo namagenkhle, okukala kakulu nezinye izingubu zokuvuma zika Tixo. Amadodana kaJedutuni a be e abalindi bamasango.
43Bonke abantu ba muka, kwaba ilowo, wa ya endhlini yake; noDavida wa buya ukubusisa indhlu yake.