1WA zakela izindhlu emuzini ka Davida, wa lungisela umpongolo ka Tixo indawo wa u misela itente.
2uDavida wa ti, a siko okomuntu ukwetwala umpongolo ka Tixo kupela abaLevi; ngokuba uJehova u ba ketile, ukwetwala umpongolo ka Tixo nokumkonza ku ze ku be pakade.
3uDavida wa butela abaIsraeli bonke eJerusalema, ukukupulela umpongolo ka Jehova endaweni yawo, a e yi lungisele wona.
4uDavida wa buta amadodana ka Aroni nabaLevi.
5Kumadodana ka Kohati, uUrieli omkulu nabazalwana bake ikulu namashumi amabili.
6Kumadodana ka Merari, uAsaia omkulu nabazalwana bake amakulu amabili namashumi amabili.
7Kumadodana ka Gershomi, uJoeli omkulu nabazalwana bake ikulu namashumi amatatu.
8Kumadodana ka Elizafani, uShemia omkulu nabazalwana bake, amakulu amabili.
9Kumadodana ka Hebroni, uElieli omkulu nabazalwana bake, amashumi a shiyagalombili.
10Kumadodana ka Uzieli, uAminadabi omkulu nabazalwana bake, ikulu neshumi nambili.
11uDavida wa biza uZadoki, noAbiatari, abapristi, nabaLevi, uUrieli, uAsaia, uJoeli, uShemia, uElieli, noAminadabi;
12Wa ti kubo, nina, malunga akaLevi zahlukaniseni kanye nabazalwana benu ni kupulele umpongolo kaJehova uTixo ka Israeli endaweni e ngi yi lungisele wona.
13Ngokuba, na be ni ngenzi njalo kuqala uJehova uTixo wetu wa sehlela ngokufa, ngokuba sa si nga m funi ngokufaneleyo.
14Abapristi nabaLevi ba zahlukanisa ukukupula umpongolo ka Jehova uTixo ka Israeli.
15AbakwaLevi betwala umpongolo ka Tixo emahlombe abo, ngezinti zawo njengokutyo kuka Mosi ngezwi lika Jehova.
16uDavida wa tyo ezinhlokweni zabaLevi, ukuba zi mise abazalwana bazo, aba hlabelela ngezinto zokuhlabelela imiqangi, nezingubu, namagenkhle, okukalayo, ukuzwakalisa ukujabula.
17AbakwaLevi ba misa uHemani indodana ka Joeli na kubazalwana bake, uAsafa indodana ka Berekia na kumadoda ka Merari abazalwana babo uEtani indodana ka Kushaia.
18Kanye nabazalwana abalandela bona, uZekaria, uBeni, uJazieli, uShemiramote, uJehieli, uUni, uEliabi, uBenaia, uMaseia, uMatitia, uElifele, uMikneia, uObededomi, noJeieli, abalindi bamasango.
19Abahlabeleli, uHemani, uAsafa, noEtani ukutyaya kakulu amagenkhle etusi.
20NoZekeria, noAzieli, noShemirimote, noJehieli, noUni, noEliabi, noMaseia, noBenaia ukuzwakalisa imiqangi njengamazwi esifazana.
21noMatitia noElifele, noMikneia, noObededomi, noJehieli, noAzezia ukuzwakalisa izingubu njengezwi lesilisa.
22uKenania inhloko kubaLevi ngokutwala wa e fundisa ukutwala ngokuba wa e nengqondo.
23uBerekia, noElkana ba be abalindi bompongolo eminyangweni.
24uShebania, uJehoshafati, uNatanili, uAmasai, uZekaria, uBenaia, uEliezari abapristi ba be tyaya amatilongo pambi kompongolo ka Tixo, uObededomi, noJehia, ba be, abalindi bompongolo eminyangweni.
25uDavida, namalunga akwa Israeli, nezinduna zezinkulungwane, ba ya ukukupula umpongolo wesivumelwano ka Jehova endhlini ka Obededomi, be nokujabula.
26Kwa ti uTixo e se ba sizile abaLevi ukwetwala umpongolo wesivumelwano ka Jehova, ba nikela izinkunzi ezi isikombisa nezinqama ezi isikombisa.
27uDavida wa e gqoka ingubo yendwangu enhle nabaLevi aba be twele umpongolo, nabahlabeleli noKenania inkosi yokutwala; uDavida wa e gqoka iefodi yelinini.
28AbaIsraeli bonke ba kupula umpongolo wesivumelwano sika Jehova ngokumemeza, nokukala kwemityingo, nokwamatilongo, nokwamagenkhle, be tyaya, innqangi, nezingubu.
29Kwa ti, ekufikeni kompongolo wesivumelwano ka Jehova emuzini ka Davida, uMikali indodokazi ka Sauli wa buka ngesibuko wa bona inkosi uDavida e xuma e dhlala; wa m dela enhliziyweni yake.