UJohane uyalwa ngalokhu azakukulobela ingelosi yebandla lase-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira
1Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi:
Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:
2Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;
3unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.
4Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;
5ngakho khumbula lapho uwé khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.
6Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizonda nami.
7Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.
8Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi:
Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:
9Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho — kanti ucebile — nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.
10Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube-sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
11Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.
12Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi:
Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika-nhlangothi zombili, uthi:
13Ngiyazi lapho wakhé khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhé khona.
14Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwaIsrayeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.
15Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.
16Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami.
17Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa-muntu, ngolamukelayo kuphela.
18Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi:
Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:
19Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.
20Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;
21ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.
22Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe;
23ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.
24Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesisifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;
25kepha lokho eninakho, kubambiseni ngize ngifike.
26Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube-sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;
27uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;
28futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa.
29Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.