Umkhuleko wowonileyo ebika isono, ecela umusa kuNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela; ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati-Sheba
1Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
2Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.
3Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;
isono sami siphambi kwami njalo.
4Ngonile kuwe wena wedwa,
ngakwenza okubi emehlweni akho,
ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,
uchache ekwahluleleni kwakho.
5Bheka, ngazalelwa ebubini,
umame wangithabatha esonweni.
6Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni;
wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
7Ngihlanze ngehisopi*, ngihlambuluke;
ngigeze, ngibe-mhlophe kuneqhwa.
8Ngizwise intokozo nenjabulo,
ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
9Fihla ubuso bakho ezonweni zami,
wesule zonke izenzo zami ezimbi.
10Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
11Ungangilahli ebusweni bakho,
ungangamuki uMoya wakho oNgcwele.
12Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho,
ungiphase ngomoya ovumayo.
13Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho;
nezoni ziyakuphendukela kuwe.
14Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami.
Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.
15Nkosi, vula izindebe zami,
ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
16Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo;
noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.
17Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
18Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho,
uzakhe izingange zaseJerusalema.
19Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke;
khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwealtare lakho.