Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso
Ihubo lika-Asafa
1UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba
kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube-sekushoneni kwalo.
2ESiyoni eliphelele ebuhleni
uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.
3UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;
umlilo udla phambi kwakhe;
uphahlwé yisivunguvungu esikhulu.
4Ubiza izulu ngaphezulu
kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:
5Buthelani kimi abangcwele bami
abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.
6Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,
ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*.
7Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;
Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:
NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.
8Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;
iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.
9Angiyikuthatha-nkunzi endlini yakho
nampongo ezibayeni zakho.
10Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,
nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.
11Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,
nezilwane zasendle zaziwa yimi.
12Uma bengilambile, bengingekutshele wena,
ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.
13Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,
ngiphuze igazi lezimpongo, na?
14Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,
uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;
15ngibize ngosuku lwenhlupheko;
ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.
16Kepha komubi uNkulunkulu uthi:
Yini ukuba ushumayele izimiso zami,
uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,
17ingani uyazonda ukuqondiswa,
amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?
18Uma ubona isela, uvumelana nalo;
neziphingi uhlanganyela nazo.
19Umlomo wakho uwuyekela ebubini;
ulimi lwakho luqamba inkohliso.
20Uhlala uhleba umfowenu;
unyevuza indodana kanyoko.
21Lokho ukwenzile, ngathula;
ushayé sengathi nginjengawe;
ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.
22Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,
funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.
23Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;
oqaphela indlela yakhe
ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.