Ukunqotshwa kwenkosi yaseAradi
1UmKhanani, inkosi yaseAradi, owayakhé eningizimu, wezwa ukuthi uIsrayeli uyeza ngendlela yaseAtarimi; walwa noIsrayeli, wathumba abanye kubo.
2UIsrayeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: Uma unikela nokunikela lababantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.
3UJehova walilalela izwi likaIsrayeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyondawo lathiwa iHorma*.
Inyoka yethusi
4Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle oluBomvu ukuba bazungeze izwe lakwaEdomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.
5Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho-sinkwa, akukho-manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesisinkwa esilulana.
6UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwaIsrayeli bafa.
7Abantu bafika kuMose, bathi: Sonile, ngokuba sikhulumé kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi. UMose wabakhulekela abantu.
8UJehova wathi kuMose: Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.
9UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10Abantwana bakwaIsrayeli bahamba, bamisa eOboti.
11Basuka eOboti, bamisa eIye-Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.
12Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.
13Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kweArinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba iArinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.
14Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova:
IVahebi laseSufa,
nezigodi zaseArinoni,
15nomthambeka wezigodi
othambeka ngasezweni leAri,
onciké emkhawulweni wakwaMowabi.
16Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: Butha abantu, ngibaphe amanzi.
17UIsrayeli wayesehlabelela lesisihlabelelo sokuthi:
Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,
18umthombo ezawumba izikhulu,
abawugumba abakhulu babantu
ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.
Basuka ehlane, baya eMathana.
19Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti;
20basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheké ngenzansi ngasehlane.
Ukunqotshwa kukaSihoni no-Ogi
21UIsrayeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:
22Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.
23USihoni wayengamvumeli uIsrayeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela uIsrayeli ehlane, wafika eJahasi, walwa noIsrayeli.
24UIsrayeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela eArinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.
25UIsrayeli wathatha yonke lemizi; uIsrayeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.
26Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika eArinoni.
27Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi:
Wozani eHeshiboni; makwakhiwe,
umuzi kaSihoni umiswe;
28ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni;
ilangabi livelile emzini kaSihoni;
liqedile iAri lakwaMowabi
nabakhé emadulini aseArinoni.
29Maye kuwena-Mowabi!
Niphelile, nina-bantu bakaKemoshi;
unikele amadodana akhe abe-ngababaleki,
namadodakazi akhe athunjwe
kuSihoni inkosi yama-Amori.
30Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube-seDiboni;
sichithile kuze kube-seNofa elingaseMedeba.
31Kanjalo uIsrayeli wahlala ezweni lama-Amori.
32UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.
33Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; uOgi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.
34UJehova wathi kuMose: Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.
35Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa-muntu; badla izwe lakubo.