Ukufa kukaMiriyamu
1Abantwana bakwaIsrayeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.
Amanzi aseMeriba
2Kwakungekho-manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose noAroni.
3Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: Sengathi nga safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.
4Niletheleni ibandla likaJehova kulelihlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?
5Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kulendawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati*, kungekho futhi amanzi okuphuza.
6OMose noAroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.
7UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
8Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena noAroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.
9UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile.
10OMose noAroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: Yizwani manje nina-bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kulelidwala na?
11UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.
12UJehova wathi kuMose nakuAroni: Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwaIsrayeli, ngalokho aniyikungenisa lelibandla ezweni engibaniké lona.
13Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.
UEdomi uvimbela uIsrayeli
14UMose wathuma izithunywa enkosini yakwaEdomi, zisuka eKadeshi, wathi: Usho kanje umfowenu uIsrayeli: Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele
15ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;
16lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;
17ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.
18UEdomi wathi kuye: Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.
19Abantwana bakwaIsrayeli bathi kuye: Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi-ngokunye.
20Kepha wathi: Awuyikudabula. UEdomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.
21Kanjalo uEdomi wala ukuba uIsrayeli adabule izwe lakhe; ngalokho uIsrayeli wachezuka kuye.
Ukufa kuka-Aroni
22Basuka eKadeshi; abantwana bakwaIsrayeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.
23UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwaEdomi, wathi:
24UAroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibaniké lona abantwana bakwaIsrayeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.
25Thabatha oAroni noEleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,
26umkhumule uAroni izambatho zakhe, uzifake kuEleyazare indodana yakhe; uAroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.
27UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke.
28UMose wamkhumula uAroni izambatho zakhe, wazifaka kuEleyazare indodana yakhe; uAroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose noEleyazare behla entabeni.
29Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi uAroni ufile, bamlilela uAroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwaIsrayeli.