Intonga ka-Aroni iyahluma
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Khuluma kubantwana bakwaIsrayeli, uthabathe kubo izintonga, ibenye kuleyo naleyondlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowomuntu entongeni yakhe.
3Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba-yintonga inye kuleyo naleyonhloko yezindlu zawoyise.
4Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.
5Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwaIsrayeli abakhonona ngakho ngani.
6UMose wakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso nalesosikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.
7UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.
8Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithelé ama-alimondi* avuthiweyo.
9UMose wakhiphela bonke abantwana bakwaIsrayeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
10UJehova wathi kuMose: Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe-luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.
11UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.
12Abantwana bakwaIsrayeli bakhuluma kuMose, bathi: Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.
13Bonke abasondelayo abasondela etabernakele* likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?