Ukwambuka nokujeziswa kukaKora noDathani noAbiramu
1UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani noAbiramu, amadodana kaEliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda,
2bamvukela uMose benabathile babantwana bakwaIsrayeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;
3babahlanganyela oMose noAroni, bathi kubo: Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?
4UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;
5wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.
6Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo, wena-Kora neviyo lakho lonke,
7nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abe-ngcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.
8UMose wathi kuKora: Ake nizwe, madodana kaLevi:
9kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu kaIsrayeli unahlukanisile nenhlangano kaIsrayeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza,
10nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na?
11Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; noAroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?
12UMose wathuma wabiza oDathani noAbiramu, amadodana kaEliyabe; bathi: Asiyikukhuphuka;
13kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivamé ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?
14Futhi awusingenisanga ezweni elivamé ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alababantu na? Asiyikukhuphuka.
15UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.
16UMose wayesethi kuKora: Wena yiba-nayo yonke inhlangano yakho phambi kukaJehova kusasa, wena, nabo, noAroni;
17thabathani, kube-yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube-yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi noAroni, kube-yilowo nalowo umcengezi wakhe.
18Base bethatha, kwaba-yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose noAroni.
19UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano.
20UJehova wayesekhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
21Zahlukaniseni nalenhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.
22Bawa ngobuso babo, bathi: Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?
23UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24Yisho kuyo inhlangano, uthi: Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.
25UMose wavuka waya kuDathani nakuAbiramu; amalunga akwaIsrayeli amlandela.
26Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: Ake nisuke ematendeni alababantu ababi, ningathinti-lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.
27Base bekhuphuka ekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu nxazonke; oDathani noAbiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo.
28UMose wathi: Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke lemisebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.
29Uma lababantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.
30Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi lababantu bamdelele uJehova.
31Kwathi eseqedile onke lawomazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;
32umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.
33Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.
34Bonke abakwaIsrayeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: Funa umhlaba usigwinye nathi.
35Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
36UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
37Yisho kuEleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele,
38imicengezi yalababoni aboné imiphefumulo yabo ibe-ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza ialtare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba-luphawu kubantwana bakwaIsrayeli.
39UEleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba-yisimbozo sealtare,
40babe-yisikhumbuzo kubantwana bakwaIsrayeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabinjengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.
41Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli yakhonona ngoMose nangoAroni, yathi: Nibabulele abantu bakaJehova.
42Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose noAroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala.
43OMose noAroni bafika ngaphambi kwetende lokuhlangana.
44UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
45Khuphuka kulenhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso babo.
46UMose wathi kuAroni: Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wasealtare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphumé intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.
47UAroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.
48Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka.
49Abafile ngesifo babeyizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.
50UAroni wabuyela kuMose ngasemnyango wetende lokuhlangana; isifo sanqamuka.