Igunya likaJesu
1Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.
2Bakhuluma, bathi kuye: Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini, nokuba ngubani okuniké leligunya na?
3Waphendula, wathi kubo: Nami ngizakunibuza izwi, nize ningitshele.
4Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?
5Bazindlisana bodwa, bathi: Uma sithi: Ezulwini, uzakuthi: Anikholwanga nguye ngani na?
6Kepha uma sithi: Kubantu, abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.
7Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.
8UJesu wayesethi kubo: Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
Umfanekiso wabalimi besivini
9Wayeseqala ukulandisa lomfanekiso, ethi kubantu: Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside.
10Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa-ze.
11Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa-ze.
12Wayesephinda ethuma neyesithathu; nalena bayilimaza, bayiphonsa ngaphandle.
13Khona wathi umninisivini: Ngizakwenze-njani na? Ngizakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.
14Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe-ngelethu.
15Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze-njani kubo na?
16Uzakuza, ababhubhise labobalimi, isivini asinike abanye. Bekuzwa bathi: Qha, makungabi-njalo.
17Kepha wababheka, wathi: Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi:
Itshe abalinqabayo abakhi
lona laba-yinhloko yegumbi.
18Yilowo nalowo owayo phezu kwalelotshe uyakuphohlozwa; kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
Intela kaKesari
19Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona-lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lomfanekiso ngabo.
20Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.
21Bambuza-ke bathi: Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi-buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.
22Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?
23Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:
24Ngiboniseni udenariyu*; unomfanekiso nombhalo kabani? Bathi: OkaKesari.
25Wayesethi kubo: Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.
26Abaze baba-namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.
Ukuvuka kwabafileyo
27Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;
28bambuza bathi: Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
29Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,
30nowesibili;
31nowesithathu wamthatha; kanjaloke abayisikhombisa; bafa bengashiyangabantwana.
32Ukugcina wafa nomfazi.
33Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba-ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babenaye engumkabo, na?
34UJesu wathi kubo: Abantwana balenkathi bayaganwa, bayendiswa.
35Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyonkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;
36ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka.
37Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe.
38UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.
39Abathile bababhali baphendula bathi: Mfundisi, ukhulumé kahle.
40Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza-lutho.
UMesiya nemvelo yakhe
41Wayesethi kubo: Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
42lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:
INkosi yathi eNkosini yami:
Hlala ngakwesokunene sami,
43ngize ngibeke izitha zakho zibeyisenabelo sezinyawo zakho.
44Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?
45Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe:
46Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni,
47abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.