UJesu ungenisa kwaZakewu
1Wangena eJeriko, wadabula khona.
2Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile.
3Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane.
4Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.
5Esefikile uJesu kuleyondawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.
6Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.
7Kuthé bekubona, bakhonona bonke, bathi: Uyé kungenisa kwandoda eyisoni.
8Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.
9UJesu wathi kuye: Namuhla insindiso ifikile kulendlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.
10Ngokuba iNdodana yomuntu izé ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.
Omina* abayishumi
11Kuthé ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.
12Wathi-ke: Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.
13Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: Hwebani ngabo, ngize ngibuye.
14Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.
15Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezozinceku abeziniké imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.
16Yavela-ke eyokuqala, yathi: Nkosi, umina wakho uzuzé omina abayishumi.
17Wathi kuyo: Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwé uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.
18Yafika neyesibili, yathi: Umina wakho, Nkosi, uzuzé omina abayisihlanu.
19Wathi nakuleyo: Nawe yiba-phezu kwemizi eyisihlanu.
20Kwafika nenye, yathi: Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwé endwangwini.
21Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga.
22Wathi kuyo: Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena-nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumuntu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga;
23awufakanga ngani imali yami ebhange*, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?
24Wayesethi kwababemi khona: Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.
25Kepha bathi kuye: Nkosi, unawomina abayishumi.
26Ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho.
27Kodwa lezozitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.
28Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema.
UJesu ungena eJerusalema
29Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eyemiNqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,
30ethi: Hambani niye emzaneni obhekene nani, nothi ukuba ningene kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungazange kuhlale-muntu kulo; lithukululeni, nililethe.
31Uma umuntu enibuza ethi: Nilithukululelani na? anothi: INkosi iyalidinga.
32Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo.
33Kuthé besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: Nilithukululelani ithole na?
34Bathi: INkosi iyalidinga.
35Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole, bamkhwelisa uJesu.
36Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni.
37Esesondela ekwehleleni kweNtaba yemiNqumo, isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo, 38sithi:
Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi,
ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu.
39Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye: Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.
40Waphendula wathi: Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.
41Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.
42Wathi: Sengathi nga wazi nawe ngalolusuku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.
43Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,
44zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.
Ukuhlanzwa kwethempeli
45Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo,
46wathi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami iyakuba-yindlu yokukhuleka, kepha nina niyenzé umhume wabaphangi.
47Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala.
48Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.