Isibingelelo
1UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:
2Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.
Abadukisi
3Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba-kanye.
4Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhukulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube-ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.
5Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,
6nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,
7njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe-yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.
8Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.
9Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanganasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: INkosi mayikujezise.
10Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.
11Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!
12Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efé kabili, isishuliwe;
13bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.
14UEnoke ongowesikhombisa kusukela kuAdamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,
15ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.
16Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.
UJuda ululeka ukuba baqine ekukholweni
17Kepha nina-bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywé phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu
18abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba-khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.
19Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.
20Kepha nina-bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,
21nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube-ngukuphila okuphakade.
22Abanye, abangabazayo, nibahawukele,
23nibasindise ngokubahlwitha emlilweni, kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwé yinyama.
24Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,
25kuye uNkulunkulu oyedwa, uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube-ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube-phakade. Amen.