Ukunqotshwa kwenyakatho yaseKhanani
1Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yaseAkishafu,
2nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni, naseAraba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,
3nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.
4Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahashi nezinqola eziningi kakhulu.
5Onke lawomakhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe noIsrayeli.
6UJehova wathi kuJoshuwa: Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesisikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kukaIsrayeli; wena uyakunquma amahashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.
7Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.
8UJehova wabanikela esandleni sakwaIsrayeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba-seSidoni eliKhulu, naseMisirefoti-Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.
9UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.
10UJoshuwa wabuya ngalesosikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyomibuso kuqala.
11Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.
12Yonke imizi yalawomakhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.
13Kepha imizi eyayimi emagqumeni ayo uIsrayeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHasori kuphela; lowo uJoshuwa wawushisa.
14Impango yonke yalemizi nezinkomo abantwana bakwaIsrayeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.
15Njengalokho uJehova ebemyalé uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.
Ukubukezwa kwendaba yokunqoba iKhanani
16UJoshuwa wathatha-ke lonke lelozwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, neAraba, nezintaba zakwaIsrayeli, namathafa akhe,
17kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri, yebo, naseBali-Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.
18UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo onke lawomakhosi.
19Akwabakho-muzi owenza ukuthula nabantwana bakwaIsrayeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.
20Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza-lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane noIsrayeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.
21UJoshuwa wafika ngalesosikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, naseAnabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwaIsrayeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.
22Akusalanga noyedwa kuwo amaAnaki ezweni labantwana bakwaIsrayeli; asala eGaza kuphela, naseGati, naseAshidodi.
23Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika uIsrayeli libe-yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.