Amazwi esivumelwano
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2Zwanini amazwi alesisivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema,
3uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu kaIsrayeli: Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesisivumelwano,
4engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe-ngabantu bami, mina ngibe-nguNkulunkulu wenu,
5ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi njenganamuhla. Ngase ngiphendula ngithi: Amen, Jehova.
6Wayesethi uJehova kimi: Memeza onke lawamazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, nithi: Zwanini amazwi alesisivumelwano, niwenze.
7Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube-namuhla, ngibayalile, ngathi: Yizwani izwi lami.
8Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwabayilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesisivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.
9Wayesethi uJehova kimi: Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema.
10Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu kaIsrayeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
11Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba-nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.
12Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo.
13Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.
14Ngalokhu ungabakhulekeli lababantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.
15Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?
16UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.
17UJehova-Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwaIsrayeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.
18UJehova wangazisa, ngakwazi;
khona wangibonisa izenzo zabo.
19Kepha mina nganginjengewundlu
eliyiswa ekuhlatshweni;
ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi:
Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo,
simnqume ezweni labaphilayo,
igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.
20Jehova-Sebawoti, mahluleli olungileyo,
ovivinya izinso nenhliziyo,
mangibone ukuphindisela kwakho kubo,
ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.
21Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu baseAnathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;
22ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,
23nensali ayiyikuba-khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu baseAnathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.