Ubuze bokukhonza izithombe
1Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina-ndlu kaIsrayeli.
2Usho kanje uJehova, uthi:
Ningayifundi indlela yabezizwe,
ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,
ngokuba abezizwe bezesaba.
3Ngokuba imikhuba yabantu iyize,
lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;
ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
4Bawenza ube-muhle ngesiliva nangegolide,
bawubethela ngezipikili nangezando
ukuba ungazamazami.
5Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;
uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi.
Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,
nokuhle awunakukwenza.
6Akakho onjengawe-Jehova;
umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.
7Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe,
ngokuba uyimfanelo yakho,
ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe
nakuyo yonke imibuso yabo
akakho onjengawe.
8Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;
ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,
9nezingcwecwe zesiliva ezilethwé zivela eTharishishi
negolide laseOfiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,
kugqokiswé okuluhlaza nokububende,
kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.
10Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,
unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;
ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,
izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.
11Niyakusho kanje kubo, nithi:
Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba,
labo bayakubhubha emhlabeni
nangaphansi kwezulu.
12Wawenza umhlaba ngamandla akhe,
walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,
ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
13Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;
uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
enzele imvula unyazi,
awukhiphe umoya endlini yengcebo.
14Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi;
bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,
ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,
nomoya awukho kuzo.
15Ziyize, umsebenzi wenkohliso;
ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
16Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,
ngokuba nguye obumbile konke;
uIsrayeli uyisizwe sefa lakhe,
nguJehova-Sebawoti igama lakhe.
Ukumenyezelwa kokuthunjwa
17Qoqa umshuqulo wakho ezweni
wena ohlezi ekuvinjezelweni.
18Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalomzuzwana,
ngibacindezele ukuze bakuzwe.
19Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!
Ukushaywa kwami kunzima.
Kepha ngithi mina: Nempela lokhu kulusizi lwami,
ngiyakuluthwala.
20Itende lami lichithakele,
zonke izintambo zami zigqabukile;
abantwana bami basukile kimi,
kabasekho;
kasekho owokwelula itende lami
nowokumisa izilenge zami.
21Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,
abamfunanga uJehova;
ngalokho abaphumelelanga,
nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
22Bheka, kusondela izwi lombiko,
nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho,
ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibeyincithakalo,
indawo yokuhlala kwamakhanka.
23Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo;
akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.
24Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela,
kungabi-ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.
25Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo
naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,
ngokuba bamdlile uJakobe;
yebo, bamdlile bamqeda,
balichitha ikhaya lakhe.